Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 37:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi, nithi: AmaKaledi ayakusishiya nokusishiya, ngokuba awayikumuka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Usho kanje uJehova, uthi: Ningazikhohlisi ngokuthi: ‘AmaKaledi ayakusuka nokusuka kithi;’ ngokuba awayikusuka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Usho kanje uSimakade, uthi: ningazikhohlisi, nithi: ‘AmaKhaledi ayakusuka kithi noma kanjani, ahambe,’ ngokuba awayukuhamba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 37:9
9 Referans Kwoze  

Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, wena ohlala emifantwini yedwala, okhaya lakho liphakeme; othi enhliziyweni yakhe: “Ngubani oyakungehlisela phansi na?


Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Maningadukiswa muntu nangayiphi indlela, ngokuba lolo suku aluyikufika, ngaphandle kokuthi kufike ukuhlubuka kuqala, ambulwe lowo muntu wesono, indodana yokulahlwa;


Makungabikho onikhohlisayo ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.


Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi.


Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Okhohliswayo makangathembeli ezeni, ngokuba inzuzo yakhe iyize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite