Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa naphenduka, nalihlambalaza igama lami, nabuyisela, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, kwaba yilowo nalowo incekukazi yakhe enayikhulula ngokuthanda kwenu, nabathobisa ukuba babe yizinceku nezincekukazi zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha seniphendukile futhi, nalihlambalaza igama lami, nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, enanizivumele ukuba zihambe, zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha niphendukile futhi nalihlambalaza igama lami, kwaba yilowo nalowo wabuyisa isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe enanizikhululile ngokufisa kwazo ukuba zihambe, seniphinde nazibuyisa ukuba nizicindezele futhi zibe yizigqila nezigqilakazi zenu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:16
15 Referans Kwoze  

Ningafungi amanga ngegama lami, ningahlambalazi igama likaNkulunkulu wenu; nginguJehova.


Kepha uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze ukungalungi, enze izinengiso zonke omubi azenzayo, uyakuphila na? “Konke ukulunga kwakhe akwenzileyo akuyikubizwa;


Futhi, uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze ukungalungi, ngibeke isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa; ngoba ungamxwayisanga, uzafela esonweni sakhe langokulunga kwakhe akwenzileyo. Ngeke kukhunjulwe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kodwa kamuva baphenduka babuyisela izinceku nezigqilakazi ababezikhulule bazenza izigqila zezinceku nezincekukazi.


Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.


Ngiyazisola ngokuthi ngibeke uSawule njengenkosi, ngokuba wachezuka kimi, akagcinanga imiyalo yami. Lokhu kwamphatha kabi uSamuweli; wakhuleka kuJehova ubusuku bonke.


Kodwa lina liyalingcolisa ngokuthi: Itafula leNkosi lingcolisiwe; nesithelo sawo, yebo, ukudla kwawo kunengekile.


Niletha isinkwa esingcolile e-altare lami; futhi nithi: “Sikungcolise ngani na? Ngokuba nithi: Itafula leNkosi lidelelekile.


Ngiyakwenza igama lami elingcwele laziwe phakathi kwabantu bami u-Israyeli; futhi ngeke ngisabavumela ukuba bangcolise igama lami elingcwele; izizwe ziyakwazi ukuthi nginguJehova oNgcwele kwa-Israyeli.


Nina-ke ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo nalowo izithombe zakhe, kuthi ngasemuva, uma ningangilaleli; kodwa ningabe nisangcolisa igama lami elingcwele ngezipho zenu nangezithombe zenu.


Ngoba niyidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingabadabukanga; futhi waqinisa izandla zomubi ukuze angabuyi endleleni yakhe embi ngokumthembisa ukuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite