Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yobugqila, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nokhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, endlini yobugqila, ngathi:

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:13
24 Referans Kwoze  

UJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nganikhuphula eGibithe, nganikhipha endlini yobugqila;


Ngoba nguJehova uNkulunkulu wethu owasikhupha thina lobaba elizweni leGibhithe, endlini yobugqili, owenza lezozibonakaliso ezinkulu phambi kwamehlo ethu, wasilondoloza endleleni yonke esahamba ngayo langaphansi. Bonke abantu esadlula kubo;


Kungenjengesivumelwano engasenza laboyise mhla ngibabamba ngesandla ngibakhupha elizweni leGibhithe; ukuthi basephulile isivumelwano sami, nakuba ngangingumuntu kubo,” usho uJehova.


Sondela uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu azakutsho; ukhulume kithi konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe; futhi siyakuzwa, sikwenze.


UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”


Ngokuba ngabasola nokusola oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngivuka ekuseni ngibasola, ngathi: ‘Lalelani izwi lami.


Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Ngokuba angikhulumanga koyihlo, futhi angibayalanga ngosuku engabakhipha ngalo ezweni laseGibithe mayelana neminikelo yokushiswa nemihlatshelo.


Lawa angamazwi esivumelwano uJehova ayala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.


Kepha khumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza lokhu.


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibhithe; futhi kufanele nigcine futhi nenze lezi zimiso.


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibhithe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala lokhu namuhla.


Kumelwe nimkhande ngamatshe, afe; ngoba wazama ukukuxotsha kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, endlini yobugqili.


Khona inhliziyo yakho iziphakamisile, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, endlini yobugqila;


Kodwa ngenxa yokuthi iN kosi yalithanda, langoba igcine isifungo eyasifunga koyihlo, i Nkosi yalikhupha ngesandla esilamandla, yalikhulula endlini yobugqili, esandleni sikaFaro, inkosi yeGibhithe.


Qaphela ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.


Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza kamuva ithi: ‘Kuyini lokhu? uthi kuye: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, endlini yobugqila.


Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.


Ngakho izwi likaJehova lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite