Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kodwa kamuva baphenduka babuyisela izinceku nezigqilakazi ababezikhulule bazenza izigqila zezinceku nezincekukazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha emva kwalokho baphenduka, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe, zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kepha emveni kwalokho bashaya ingwijikhwebu, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zikhululeke, bazigqilaza, zaba futhi yizigqila nezigqilakazi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:11
25 Referans Kwoze  

Ngoba ukwahlulelwa kwesenzo esibi kakufiki masinyane, ngakho inhliziyo yabantwana babantu igcwele ukwenza okubi.


Njengenja ibuyela ebuhlanzweni bayo, isiwula sibuyela ebuwula baso.


Nabahlubukayo kuJehova; nalabo abangazange bamfune uJehova futhi abangabuzanga kuye.


Bayabuya, kepha ababuyeli koPhezukonke; banjengomnsalo okhohlisayo; izikhulu zabo ziyakuwa ngenkemba ngenxa yentukuthelo yolimi lwabo; kuyakuba yinhlekisa kubo ezweni laseGibithe.


O Efrayimi, ngiyakwenzani kuwe na? Juda, ngenzeni kuwe na? ngokuba umusa wakho unjengefu lokusa, nanjengamazolo amuka ekuseni.


Impi kaFaro yaphuma eGibithe; kwathi amaKaledi avimbezela iJerusalema ezwa umbiko kubo, asuka eJerusalema.


Futhi ngiyonikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe esandleni sezitha zabo nasesandleni salabo abafuna ukuphila kwabo nasesandleni sebutho lempi yenkosi yaseBhabhiloni ekhuphuke ivela kini.


Labo abaphambukela ezindleleni zabo eziyisigwegwe, uJehova uyakubahola kanye nabenzi bobubi, kepha ukuthula kube phezu kuka-Israyeli.


Amazwi omlomo wakhe angububi nenkohliso; wayeka ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


USawuli wasesithi: Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukwenza okubi, ngokuba umphefumulo wami ubuyigugu emehlweni akho namuhla;


Ngokuba uma umuntu efumana isitha sakhe, uyakusikhulula na? ngalokho uJehova uyakukuvuza kahle ngalokho okwenze kimi namuhla.


Khulekani eNkosini (ngoba sekwanele) ukuthi kungabe kusaba khona ukuduma okukhulu lesichotho; ngiyakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.


Kodwa uFaro esebonile ukuthi sekuphuzile, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.


UFaro wayesebabiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngiyakubavumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.


Lapho zonke izikhulu nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni bezwa ukuthi, kwaba yilowo nalowo kwakumelwe adedele inceku yakhe nencekukazi yakhe ukuba ihambe, ukuze bangabe besabakhonza, balalela bahambe.


Ngakho izwi likaJehova lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


Kodwa naphenduka, nalihlambalaza igama lami, nabuyisela, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, kwaba yilowo nalowo incekukazi yakhe enayikhulula ngokuthanda kwenu, nabathobisa ukuba babe yizinceku nezincekukazi zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite