Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 34:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lapho zonke izikhulu nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni bezwa ukuthi, kwaba yilowo nalowo kwakumelwe adedele inceku yakhe nencekukazi yakhe ukuba ihambe, ukuze bangabe besabakhonza, balalela bahambe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Zalalela zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele, kube yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, ukuba zihambe, zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumelane, balalela, kwaba yilowo nalowo wakhulula isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe, ukuba sihambe sikhululekile; kungabe kusaba khona ogqilazayo, balalela, bazikhulula, zahamba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 34:10
12 Referans Kwoze  

Izikhulu nabo bonke abantu base bethi kubapristi nakubaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.


Lapho izikhulu zakwaJuda zizwa lokho, zenyuka zisuka endlini yenkosi zaya endlini kaJehova zahlala phansi ngasemnyango wesango elisha lendlu kaJehova.


Ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamgcina; kwathi emuzwa, wenza izinto eziningi, wamuzwa ngokuthokoza.


Ngakho izikhulu zathi enkosini: “Siyakucela ukuba lo muntu abulawe, ngokuba wenza buthakathaka kanjalo izandla zamaqhawe asele kulo muzi, nezandla zabo bonke abantu, ngokukhuluma amazwi anje, aze enze lo muntu. Hhayi ukufuna inhlalakahle yalaba bantu, kodwa ubuhlungu.


Wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali, bheka, zonke izikhulu zazihlezi khona: u-Elishama umbhali, noDelaya indodana kaShemaya, no-Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani; noZedekiya indodana kaHananiya, nezikhulu zonke.


Ngalokho uJehova wathi: “Ngokuba laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zomlomo wabo, kepha inhliziyo yabo ikude nami, nokungesaba kwabo kufundiswa ngomyalo wabantu.


Kodwa kamuva baphenduka babuyisela izinceku nezigqilakazi ababezikhulule bazenza izigqila zezinceku nezincekukazi.


izikhulu zakwaJuda nezikhulu zaseJerusalema, abathenwa, nabapristi, nabantu bonke bezwe abadabula phakathi kwezingxenye zethole;


Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; kanti kowesikhombisa kumelwe ahambe ngokukhululeka mahhala.


Niyakungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele ukukhululwa ezweni kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba ngumnyaka wejubili kini; nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo emndenini wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite