Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 33:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 33:3
29 Referans Kwoze  

Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela;


Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe.


Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.


Nizwile, bhekani konke lokhu; futhi aniyikumemezela na? Kusukela manje kuqhubeke ngakwenza ubone izinto ezintsha, yebo, izinto ezifihliwe, futhi awuzange uzazi.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Kodwa uma nifuna uJehova uNkulunkulu wenu lapho, niyomthola, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.


Ngoba yisiphi isizwe esikhulu esingaka uNkulunkulu oseduze kuso njengoJehova uNkulunkulu wethu kukho konke esimbiza ngakho?


Kuyakuthi yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.


Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Ngiyakukunika ingcebo yasebumnyameni nengcebo efihliweyo ezindaweni zokucasha, ukuze wazi ukuthi mina Jehova okubiza ngegama lakho, nginguNkulunkulu ka-Israyeli.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: Ngizavula umlomo wami ngemifanekiso; ngizakhuluma izinto ebezifihliwe kusukela ekusekelweni komhlaba.


Njengokwezinsuku zokuphuma kwenu ezweni laseGibithe, ngiyakumbonisa izimangaliso.


Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababizelwe ukuba ngabangcwele, kanye nabo bonke ezindaweni zonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, eyabo neyethu;


Niyakusho-ke, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nalowo kumfowabo, nithi: ‘UJehova waphendula wathini na? nokuthi: UJehova ukhulumeni na?


O Jehova! bheka, wena wenze izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olunzima kuwe.


Bheka, nginguJehova, uNkulunkulu wenyama yonke; kukhona okunzima kimi na?


Ukuze bacele umusa kuNkulunkulu wezulu ngale mfihlakalo; ukuze uDaniyeli nabangane bakhe bangabhubhi kanye nabanye abahlakaniphileyo baseBhabhiloni.


Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.


Ngiyakubonga, ngiyakudumisa, Nkulunkulu wawobaba, owangipha ukuhlakanipha namandla, wangazisa lokho ebesikucela kuwe, ngokuba ususazisile manje indaba yenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite