Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kodwa bamisa izinengiso zabo endlini ebizwa ngebizo lami, ukuze bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:34
15 Referans Kwoze  

Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami,” usho uJehova, “babekile izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.


Ngokuba umprofethi nompristi bangcolile; yebo, endlini yami ngifumene ububi babo, usho uJehova.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova nawo wonke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakukhiphela ngaphandle komuzi.


Yasikhipha isihlahla endlini kaJehova ngaphandle kweJerusalema, yasiyisa emfudlaneni iKidroni, yasishisa emfudlaneni iKidroni, yasichola saba luthuli, yasithela impuphu yaso emathuneni abantwana babantu.


UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalinguHefiziba.


Nize nime phambi kwami kule ndlu ebizwa ngegama lami, nithi: ‘Sinikelwe ukwenza zonke lezi zinengiso na?’


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Manje seniphendukile nenza okulungile emehlweni ami ngokumemeza kube yilowo nalowo inkululeko yomakhelwane wakhe; futhi wenze isivumelwano phambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngavuka ekuseni, ngabathuma, ngathi: ‘Ningenzi lesi sinengiso engizondayo.


Ngaphezu kwalokho, bonke abapristi abakhulu nabantu baphambuka kakhulu ngokwazo zonke izinengiso zabezizwe; wangcolisa indlu kaJehova abeyingcwelisile eJerusalema.


Bakha izindawo eziphakemeyo zaseThofeti elisesigodini sendodana kaHinomu ukuze bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo; engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yami.


Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite