Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:23
32 Referans Kwoze  

Kusukela ezinsukwini zawobaba sisonile kakhulu kuze kube namuhla; futhi ngenxa yeziphambeko zethu, thina, amakhosi ethu nabapristi bethu, sanikelwa esandleni samakhosi amazwe enkembeni, ekuthunjweni nasekuphangweni nasekujabheni ubuso, njengoba kunjalo namuhla.


UJehova ulungile; ngokuba ngahlubuka emyalezweni wakhe.


Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke;


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze.


Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Kanjalo nani, nxa nenze konke enikuyaliwe, anothi: ‘Siyizinceku ezingasizi;


Kepha abantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abagcinanga izahlulelo zami ukwenza lokhu, okuthi, uma umuntu ekwenza lokhu, aphile ngazo; bawona amasabatha ami; ngase ngithi: Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo, ukuze intukuthelo yami iphumele phezu kwabo ehlane.


Kodwa ngathi kubantwana babo ehlane: Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningazigcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


Kepha bangihlubuka, abangilalelanga; abalahlanga, kwaba yilowo nalowo izinengiso emehlweni abo, ababashiyanga onkulunkulu baseGibithe; ukuthukuthela kwami phezu kwabo phakathi kwezwe laseGibithe.


IJerusalema lonile kakhulu; ngalokho wasuswa; bonke ababelidumisa balidelela, ngokuba babone ubunqunu balo; yebo wabubula wabuyela emuva.


Wabapha isinkwa sasezulwini ngenxa yokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabathembisa ukuthi bayakungena ukulidla izwe owafunga ngesifungo ukubanika lona.


Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.


Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe;


“Nganingenisa ezweni elinala, ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho ningena, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Uthi kubo: Usho kanje uJehova; Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeka phambi kwenu,


Abazange bajabhiswe kuze kube yilolu suku, futhi abesabanga futhi abahambanga ngomthetho wami nasezimisweni zami engazibeka phambi kwenu nawoyihlo.


UJehova wamnika u-Israyeli lonke izwe ayefunge ukulinika oyise; balidla, bahlala kulo.


Kodwa kabangilalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa benza lukhuni intamo yabo; benze okubi kunoyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite