Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:19
35 Referans Kwoze  

Mina, Jehova, ngihlola inhliziyo, ngivivinya izinso, ukuze nginike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Nalokhu kuvela kuJehova Sebawoti, omangalisayo ngesiluleko nomkhulu emsebenzini.


Umusa ungowakho, Nkosi, ngokuba uvuza yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.


Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba amehlo akhe aphezu kwezindlela zomuntu, futhi ubona zonke izindlela zakhe.


Njalo ngizabulala abantwana bakhe ngokufa; namabandla onke ayakwazi ukuthi mina nginguye ohlola izinso nezinhliziyo;


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Futhi lizaphuma; abenze okuhle baphumele ekuvukeni kokuphila; lalabo abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa.


Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Ngubani owaqondisa uMoya kaJehova, wamfundisa, uma engumeluleki wakhe na?


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Futhi bonke abakhileyo emhlabeni babhekwa njengento engelutho; futhi wenza njengentando yakhe ebandleni lasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongabamba isandla sakhe, athi kuye: ‘Wenzani na?’


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Yizwa-ke usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokulahla omubi, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nolungileyo, amnike njengokulunga kwakhe.


Ngubani onjengawe, Nkosi, phakathi kwawonkulunkulu? ngubani onjengawe, okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezindumiso, owenza izimangaliso, na?


Ngomsebenzi womuntu uyakubuyisela kuye, kube yilowo nalowo athole njengezindlela zakhe.


Iseluleko singesami nokuhlakanipha okuphelele; Nginengqondo; Nginamandla.


Kepha ngiyakunihambela njengesithelo sezenzo zenu, usho uJehova; futhi ngiyobasa umlilo ehlathini lakhe, futhi uyoqothula konke okuzungezile.


Ngokuba wabona ukuthi itshe laqheshulwa entabeni kungengazandla, laphahlaza insimbi, nethusi, nobumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu wayazisa inkosi okuzakwenzeka emva kwalokho; iphupho laliqinisekile, nencazelo yalo iqinisekile.


Umuntu okhutheleyo akazi; futhi isiwula asikuqondi.


Imisebenzi kaJehova mikhulu, ifunwa yibo bonke abathokoza ngayo.


Ngokwezenzo zabo uzabuyisela kubo ulaka kwabamelene layo, lokuphindisela ezitheni zakhe; eziqhingini uyobuyisela isinxephezelo.


Ngokuba izizwe eziningi namakhosi amakhulu nabo bayakuzikhonza ngabo, ngibabuyisele njengokwemisebenzi yabo nanjengokwemisebenzi yezandla zabo.


Umthwalo wezwi likaJehova ezweni laseHadragi naseDamaseku uyakuba ngowokuphela kwawo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite