Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 32:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izwi elafika kuJehova kuJeremiya ngomnyaka weshumi kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade ngonyaka weshumi wokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, okwakungunyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 32:1
9 Referans Kwoze  

Izwi elafika kuJeremiya ngabantu bonke bakwaJuda ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, okungumnyaka wokuqala kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele;


USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema;


Izwi elafika kuJehova kuJeremiya lapho inkosi uSedekiya ithuma kuye uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya umpristi, ithi:


Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi likaJehova lafika kuJeremiya, lithi:


Izwi elafika kuJehova kuJeremiya lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba yombuso wakhe, nabo bonke abantu belwa neJerusalema nemizi yalo yonke, lathi:


Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite