Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba, kungengelokuthula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe futhi akukho ukuthula.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:5
22 Referans Kwoze  

Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe-yisililo, nazo zonke izingoma zenu zibe isililo; ngiyakwenza ukuba kukhuphuke indwangu yesaka ezinkalweni zonke nempandla emakhanda onke; ngiyakukwenza kube njengesililo sendodana eyodwa, nokuphela kwakho kube njengosuku olubabayo.


Futhi ngalolo suku bayobhonga ngokumelene nabo njengokuhlokoma kolwandle; uma umuntu ebuka izwe, bheka, kukhona ubumnyama nosizi, nokukhanya kube mnyama emazulwini awo.


Kungani ngibabone bethukile futhi baphenduka? namaqhawe abo ashaywa, abaleka ngokuphangisa, awabange esabheka emuva, ngokuba ukwesaba kwakugcwele nxazonke,” usho uJehova.


Kuyozwakala izwi lokukhala kwabelusi nokukhala kwezikhulu zomhlambi, ngokuba uJehova ulichithile idlelo labo.


Ngoba kuzwakele ilizwi lokulila livela eZiyoni lisithi: Yeka ukuchithwa kwethu! sinamahloni kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba izindlu zethu zisixoshile.


Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?


Sonke siyabhonga njengamabhere, silila njengamajuba; silindela ukwahlulelwa, kepha akukho; ekusindisweni, kepha kukude nathi.


Ukukhala kwamahhashi akhe kwezwakala kwaDani; ngoba bafika balidla ilizwe lakho konke okwakukulo; umuzi nabakhileyo kuwo.


Abachithi sebefikile ezindaweni zonke eziphakemeyo ehlane, ngokuba inkemba kaJehova iyakuqeda kusukela komunye umkhawulo wezwe kuze kube komunye umkhawulo wezwe; akukho nyama eyoba nokuthula.


Lawa angamazwi uJehova awakhuluma ngo-Israyeli nangoJuda.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuyakuvela abantu ezweni lasenyakatho, kuvele isizwe esikhulu emikhawulweni yomhlaba.


O ndodakazi yabantu bami, bhinca izingubo zokulila, uzigoqe ngomlotha; ulilele njengendodana eyodwa, isililo esimunyu, ngokuba ngokuzumayo umchithi uyakusehlela.


Ngokuba bhekani, ngiyakuvusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesisheshayo, esidabula ububanzi bezwe, ukuba sidle izindawo zokuhlala ezingezona ezaso.


Bayoklolodela amakhosi, nezikhulu zibe yinhlekisa kubo; bayoklolodela zonke izinqaba; ngoba bayobutha uthuli futhi baluthathe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite