Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 30:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi kubo kuyophuma ukubonga nezwi labajabulayo; ngiyakubandisa, bangabi yingcosana; futhi ngizobakhazimulisa, futhi ngeke badelelwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Kuyophuma kubo ukubonga nezwi lokuthokoza. Ngiyakubenza bande bangabe besancipha; ngibenze bahlonipheke, bangabe besadelelwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 30:19
39 Referans Kwoze  

Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka.


Omncane uyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina Jehova ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.


Usho kanje uJehova, uthi: Ngisayakubuza ngayo indlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele yona; ngizakwandisa abantu njengomhlambi;


Ngizabashayela ikhwelo ngibabuthe; ngokuba ngibahlengile, futhi bayokwanda njengoba bandile.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakhiwe wena ntombi yakwa-Israyeli; uzophinde uhlotshiswe ngamatende akho futhi uphume ngengoma yenjabulo.


Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila ukudla kwenyanga yesine, nokuzila ukudla kweyesihlanu, nokuzila ukudla kweyesikhombisa, nokuzila ukudla kweyeshumi kuyakuba ngukuthokoza nokujabula nemikhosi yokujabula endlini yakwaJuda; ngakho-ke kufanele uthande iqiniso nokuthula.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo; kuyakuba yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubabeka, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.


bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wabathokozisa, waletha kubo inhliziyo yenkosi yase-Asiriya ukuba iqinise izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ilanga alisayikuba ngukukhanya kwakho emini; nenyanga ayiyikukukhanyisela, kepha uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe yinkazimulo yakho.


Jabulani ngokuthokoza, nihlabelele kanyekanye, nina manxiwa aseJerusalema, ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe, ulihlengile iJerusalema.


Wathi kuyo: “Gijima, ukhulume naleli nsizwa, uthi: ‘IJerusalema liyakuhlala njengemizi engenalugange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo kuyo.’


Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezilwane.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba.


Uzakwenza labo abavela kuJakhobe bamile izimpande: uIsrayeli uzaqhakaza, ahlume, agcwalise ubuso bomhlaba ngesithelo.


O, ukube ukusindiswa kuka-Israyeli bekuvela eSiyoni! Lapho uNkulunkulu ebuyisela ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe uyojabula no-Israyeli ajabule.


Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.


Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye;


Impela iziqhingi ziyakungilindela mina kuqala, nemikhumbi yaseTharishishi ukuletha amadodana akho evela kude, isiliva lawo negolide lawo kanye nawo, egameni likaJehova uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, likukhazimulisile.


Bheka, uyakubiza isizwe ongasazi, nezizwe ezazingakwazi ziyakugijimela kuwe ngenxa kaJehova uNkulunkulu wakho nangenxa yoNgcwele ka-Israyeli; ngoba Udumisile.


Bayophuma emizini yakwaJuda nasezindaweni ezizungeze iJerusalema nasezweni lakwaBenjamini nasethafeni nasezintabeni naseningizimu, balethe iminikelo yokushiswa nemihlatshelo neminikelo yempuphu nempepho nemihlatshelo yokudumisa endlini kaJehova.


Ngase ngiprofetha njengokungiyala kwakhe, umoya wangena kuwo, aphila, ema ngezinyawo zawo, impi enkulu kakhulu kakhulu.


Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe; Uyakhazinyuliswa; uwususile kude nasemikhawulweni yonke yomhlaba.


Uma nanda, nande ezweni ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangabe besasho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova; futhi akuyikungena emiqondweni yabo; khumbula lokho; futhi bangase bangayivakashi; futhi kayisayikwenziwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite