Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ubonile ukuthi ngakho konke ukungethembeki kwakhe u-Israyeli, ohlubukayo angenqenanga ukumnika incwadi yesehlukaniso, nokho udadewabo uJuda akesabanga, naye uhambile wayofeba.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:8
20 Referans Kwoze  

“Nxa indoda ithatha umfazi, imthathe, bese kuthi lapho engasenamusa emehlweni ayo, ngokuba ifumene ukungcola kuye; makambhalele incwadi yesahlukaniso, amnike yona, amkhiphe endlini yakhe.


Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.


Usho kanje uJehova, uthi: “Iphi incwadi yesahlukaniso kanyoko, engamala na? Kumbe ngubani kwabakweletayo engithengise kuye? Bhekani, nathengiswa ngobubi benu, nangenxa yeziphambeko zenu unyoko walahlwa.


Ngakho ngamnikela esandleni sezithandwa zakhe, esandleni sama-Asiriya ayewalangazelela.


Kodwa awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kepha kwaba sengathi kuyinto encane kakhulu, wonakala kunabo ezindleleni zakho zonke.


Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.


Uma indoda yokugcina imzonda, imbhalele incwadi yesahlukaniso, imnike esandleni, imxoshe endlini yakhe; noma isifa indoda yokugcina eyamthatha abe ngumkayo;


Ububi bakho buyakusola, nezizondo zakho ziyakusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo ukuthi umshiyile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukwesaba kwami akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.


Aniboni yini ukuthi laba bantu bathini, bethi: Izizukulwane ezimbili uJehova azikhethile, waze wazilahla na? ngakho-ke babadelela abantu bami, ukuze bangabe besaba yisizwe phambi kwabo.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya namadodakazi alo ahlala ngakwesobunxele sakho; udadewenu omncane ohlala ngakwesokunene sakho yiSodoma namadodakazi ayo.


NeSamariya alenzanga ingxenye yezono zakho; kepha wena wandisa izinengiso zakho kunabo, walungisisa odadewenu kuzo zonke izinengiso zakho ozenzileyo.


Ngaphezu kwalokho, wenza izindawo eziphakemeyo ezintabeni zakwaJuda futhi wenza ukuba abakhileyo eJerusalema baphinge futhi waphoqelela uJuda ukuba enze kanjalo.


Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;


Kodwa bangena kuye njengoba bengena kowesifazana ophingayo; bangena ke ku-Ohola no-Oholiba abesifazane abakhanukayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite