Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 3:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Bathi: “Uma indoda ilahla umkayo, bese emlahla, abe ngowenye indoda, ingabe isabuyela kuye na? ngeke yini lowo mhlaba ungcoliswe kakhulu? kepha wena ufebile nezithandwa eziningi; buyelani kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 3:1
34 Referans Kwoze  

Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abakhulu ngenyama; ngandisa ubufebe bakho ukuze ungicunule.


Uma uphenduka, Israyeli, usho uJehova, uphenduke kimi;


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Ngalokho uthi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngibuyele kini, usho uJehova Sebawoti.


Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.


Wothi kubo: Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, kangithokozi ngokufa komubi; kodwa ukuthi omubi aphenduke endleleni yakhe nokuphila. Ngoba lizafelani lina ndlu kaIsrayeli?


Jerusalema, geza inhliziyo yakho ebubini, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho eyize ihlala kini na?


Kwasekusithi ngobubi bobufebe balo, langcolisa ilizwe, laphinga lamatshe langezinduku.


Ungasho kanjani ukuthi: ‘Angingcoliswanga, angibalandelanga oBali? bheka indlela yakho esigodini, yazi okwenzileyo; wena uyinkana yenkazana enejubane, ehamba ngezindlela zayo;


Isancinza sakhe safeba kuye, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona izinyanga ezine.


Sukumani nihambe; ngoba kayisikho ukuphumula kwenu; ngoba ingcolisiwe, izalichitha, yebo ngencithakalo enkulu.


Buyani, nina bantwana abahlubukayo, ngizakwelapha iziphambeko zenu. Bheka, siyeza kuwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wethu.


“Nganingenisa ezweni elinala, ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho ningena, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Futhi umhlaba ungcolile phakathi kwabakhileyo kuwo; ngokuba beqile imithetho, baguqula isimiso, bephula isivumelwano esiphakade.


Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.


Kwathiwa: Loba ngubani owala umkakhe, kamnike incwadi yesehlukaniso;


Bachitha igazi elingenacala, igazi lamadodana abo nelamadodakazi abo, abawahlabela onkulunkulu abangcolile baseKhanani; izwe langcoliswa ngegazi.


Khuphukela eLebanoni, ubize; phakamisa izwi lakho eBashani, ukhale usemasimini, ngokuba zonke izithandwa zakho zichithiwe.


Ukhala kakhulu ebusuku, izinyembezi zakhe zisezihlathini zakhe; phakathi kwazo zonke izithandwa zakhe akakho omduduzayo; bonke abangane balo bamkhohlisile, baba yizitha zalo.


Mlaseni unyoko, ngokuba akasiye umkami, nami angisiye umyeni wakhe; khona-ke makasuse ubufebe bakhe nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe;


Koze kube nini uzulazula, ndodakazi ehlubukayo? ngokuba uJehova udale okusha emhlabeni: owesifazane uyakuhaqa owesilisa.


Yeka ukuthi inhliziyo yakho ibuthakathaka kangakanani, isho iNkosi uJehova, ngokuba wenza zonke lezi zinto, umsebenzi wesifebe esibusayo;


Ngakho, sifebe, yizwa izwi likaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite