Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 29:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 ngokuba benzile ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo, ngingufakazi,” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 29:23
28 Referans Kwoze  

Ngiyakusondela kinina ngokwahlulelwa; futhi ngiyoba ufakazi osheshayo ngokumelene nabathakathi, neziphingi, nakubafungi bamanga, nalabo abacindezela isiqashwa emholweni wakhe, umfelokazi nezintandane, nomfokazi ophambukayo esandleni sakhe sokunene futhi angesabi. Mina, usho uJehova Sebawoti.


Ngabona futhi into embi kubaprofethi baseJerusalema: bayaphinga, bahamba ngamanga; baqinise izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi nabakhileyo kulo njengeGomora.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngo-Ahabi indodana kaKholaja, nakuSedekiya indodana kaMahaseya, abaprofetha amanga kini egameni lami; Bheka, ngiyabanikela esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele; futhi iyakubabulala phambi kwamehlo enu;


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.


Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


Abaprofethi bawo bangabantu abalula nabangathembekanga;


Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha.


Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?


Uma ucindezela amadodakazi ami, noma uthatha abanye abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.


Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.


Abadala bakwaGileyadi base bethi kuJefta: “UJehova ungufakazi phakathi kwethu, uma singenzi njengokusho kwakho.


Wathi kuye: “Qha, mfowethu, ungangiphoqi; ngoba akwenziwa into enje koIsrayeli; musani ukwenza lombhedo.


Babenjengamahhashi akhuluphalisiweyo ekuseni; kwaba yilowo nalowo waxosha umkamakhelwane wakhe.


Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.


Thumela kubo bonke abathunjwa uthi: Utsho njalo uJehova ngoShemaya waseNehelami; Ngokuba uShemaya uprofethile kini, mina angimthumanga, wenza ukuba nikholwe ngamanga.


Kanjalo nazidla ngami ngomlomo wenu, nanda amazwi enu kimi; ngiwezwile.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; bakwenza ize; bakhuluma umbono ophuma ezinhliziyweni zabo, hhayi ophuma emlonyeni kaJehova.


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite