Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 28:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abaprofethi ababengaphambi kwami naphambi kwakho baprofetha emazweni amaningi nangemibuso emikhulu, ngempi, nangobubi, nangesifo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 abaphrofethi ababephambi kwami nababephambi kwakho kusukela emandulo, baphrofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, inhlekelele, nangobhubhane.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 28:8
25 Referans Kwoze  

Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusenendoda eyodwa, uMika, indodana kaJimila, esingabuza ngayo kuJehova; kodwa ngiyamzonda; ngoba akaprofethi okuhle ngami, kodwa okubi. UJehoshafati wathi: “Mayingasho njalo inkosi.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


Iminsalo yabo iyakuchoboza izinsizwa; futhi ngeke bahawukele isithelo sesisu sikanina; iso labo aliyikubahawukela abantwana.


Wathi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: “Abanankosi; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.


Isiprofetho ngeBabele asibona u-Isaya, indodana ka-Amose.


Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.


Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite