Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 28:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari, inkosi yaseBabele; ziyakumkhonza, futhi ngamnika nezilwane zasendle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Ngibeke ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe ukuba zimkhonze uNebukadinesari inkosi yaseBabele; yebo, ziyakumkhonza; futhi ngimnike nezilwane zasendle.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ngizobeka ijoka lensimbi entanyeni yazo zonke lezi zizwe, ukuba zimkhonze uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, yebo, ziyakumkhonza, futhi ngimnikile nezilwane zasendle.’ ”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 28:14
13 Referans Kwoze  

Ngalokho uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kini, ngendlala, nangokoma, nangobuze, nangokuswela konke; iyakubeka ijoka lensimbi entanyeni yakho ize ikuchithe.


Nomaphi lapho kuhlala khona abantwana babantu, izilwane zasendle nezinyoni zezulu, wakunikela esandleni sakho, wakumisa ube ngumbusi phezu kwakho konke. Wena uyikhanda legolide.


Manje bheka, namuhla ngiyakukhulula amaketanga asesandleni sakho. Uma kukuhle kuwe ukuhamba nami eBabele, woza; futhi ngizoninakekela kahle; kepha uma kukubi emehlweni akho ukuya nami eBabele, kuyeke; bheka, izwe lonke liphambi kwakho; nomaphi lapho kubonakala kukuhle futhi kukulungele ukuba uye khona, hamba khona.


Ubayale ukuthi bathi emakhosini abo: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli; Uzakusho njalo kubaphathi bakho:


Kepha uJehova wanithatha, wanikhipha esithandweni sensimbi, eGibithe, nibe yifa lakhe, njenganamuhla.


Insimbi ingayiphula yini insimbi yasenyakatho nensimbi?


Kuyakuthi isizwe nombuso ongayikumkhonza yena uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ongayikubeka intamo yawo ejokeni lenkosi yaseBabele, leso sizwe ngiyakusihambela, iNkosi. Ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngaze ngabaqeda ngesandla sakhe.


Ijoka leziphambeko zami liboshwe ngesandla sakhe; Uwisile amandla ami, uJehova unginikele esandleni sabo, engingenakusukuma kubo.


Futhi u-Efrayimi unjengethokazi elifundisiwe futhi elithanda ukubhula ukolweni; kodwa ngadlula phezu kwentamo yakhe enhle; Ngiyakumkhwelisa u-Efrayimi; UJuda uyakulima, uJakobe aphule amagabade akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite