Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 26:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba; nentaba yendlu injengeziqongo zehlathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 “UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 26:18
13 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova; Ngibuyele eSiyoni, ngiyohlala phakathi kweJerusalema, neJerusalema liyakuthiwa umuzi weqiniso; nentaba kaJehova Sebawoti, intaba engcwele.


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.


Wasekhuluma phambi kwabafowabo lebutho lebutho leSamariya wathi: Enzani lamaJuda abuthakathaka? bazoziqinisa na? bazahlabela yini? zizophela ngosuku? bayowavusa amatshe ezinqwabeni zemfucumfucu eshile na?


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Wena ntaba yami yasendle, ngiyakunikela impahla yakho nengcebo yakho yonke kube yimpango, nezindawo zakho eziphakemeyo ukuba zone kuzo zonke imikhawulo yakho.


Ngiyakwenza iJerusalema libe yizinqwaba, umhume wezimpungushe; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu.


Ihubo lika-Asafa. O Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho; balingcolisile ithempeli lakho elingcwele; babeka iJerusalema laba yizinqwaba.


IBhabhele liyakuba yizinqwaba, indawo yokuhlala izimpungushe, nesimangaliso, nokunyenyeza, kungahlali ohlala khona.


Anizwanga yini endulo ukuthi ngakwenza kanjani lokhu nokuthi ezikhathini zasendulo ngakubumba na? manje ngikwenzile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yincithakalo.


Kepha uHezekiya wamthobisa ngenxa yokuzidla kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga ezinsukwini zikaHezekiya.


Kepha ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; futhi abantu bayothutheleka kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite