Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 25:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wathuma kini zonke izinceku zakhe, abaprofethi, evuka ekuseni, ebathuma; kodwa anilalelanga, nezindlebe zenu azithambeki ukuzwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova uthumile kini zonke izinceku zakhe abaprofethi, ebathuma njalonjalo, kepha anilalelanga, anibekanga indlebe ukuba nizwe

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 USimakade uthumele kini zonke izinceku zakhe, abaphrofethi, ebathumela njalonjalo, kodwa anilalelanga futhi aniyibekanga indlebe ukuba nizwe

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 25:4
24 Referans Kwoze  

Kusukela ngomnyaka weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, okungumnyaka wamashumi amabili nantathu, izwi likaJehova lafika kimi, ngakhuluma kini, ngivuka ekuseni, ngalikhuluma; kodwa kalilalelanga.


ukulalela amazwi ezinceku zami, abaprofethi, engabathuma kini, abavuka ekuseni ngibathuma, kepha anilalelanga;


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Futhi ngizomhambela kanye nenzalo yakhe kanye nezinceku zakhe ngenxa yobubi babo; ngiyakwehlisela phezu kwabo naphezu kwabakhileyo eJerusalema naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikushilo ngabo; kodwa kabalalelanga.


Bangifulathela, kabazange baphenduke; nakuba ngabafundisa ngokuvuka ekuseni ngibafundise, nokho abalalelanga ukuze bathole ukulaywa.


Ngokuba abawalalelanga amazwi ami,” usho uJehova, “engawathuma kubo ngesandla sezinceku zami abaprofethi, wavuka ekuseni, wabathuma; kepha anizwanga,” usho uJehova.


Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla; kodwa wena wathi: Kangifuni ukuzwa. Lokhu kwakuyindlela yakho kwasebusheni bakho, ukuthi awuzange ulalele izwi lami.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwalo muzi naphezu kwayo yonke imizi yawo konke okubi engikushilo ngawo, ngokuba benze lukhuni izintamo zabo ukuba bangalaleli amazwi ami.


Bathi: “Akukho themba, kepha siyakuhamba ngokwamacebo ethu, kube yilowo nalowo enze amacebo enhliziyo yakhe embi.”


Kodwa kabalalelanga, kababekanga indlebe yabo, kodwa bayenza lukhuni intamo yabo ukuze bangezwa loba bemukele ukulaywa.


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Kodwa aningilalelanga, usho uJehova; ukuze ningigcone ngemisebenzi yezandla zenu kube ukulimaza kwenu.


UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha abalalelanga.


Ngabeka abalindi phezu kwenu, ngathi: Lalelani ukukhala kwecilongo. Kodwa bathi: Ngeke silalele.


Kepha wathuma abaprofethi kubo ukuba bababuyisele kuJehova; futhi bafakaza ngokumelene nabo, kodwa abalalelanga.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite