Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:39 - Contemporary Zulu Bible 2024

39 Ngalokho bhekani, ngiyakunikhohlwa nokunikhohlwa, nginishiye nomuzi enganinika wona nawoyihlo, nginixoshe ebusweni bami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 ngalokho ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle ebusweni bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nawoyihlo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 ngakho-ke ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle kude nobukhona bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nokhokho benu,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:39
30 Referans Kwoze  

Nxa lababantu loba umprofethi loba umpristi ekubuza esithi: Uyini umthwalo we Nkosi? khona-ke uzakuthi kubo: Imuphi umthwalo? ngiyakunishiya,” usho uJehova.


Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;


abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;


Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;


Ngokuba ngiyoba njengengonyama ku-Efrayimi nanjengebhongo lengonyama endlini kaJuda; nami ngiyakuklebhula, ngimuke; ngiyakususa, akakho oyomsindisa.


Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kubo; Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondile.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuzihlola izimvu zami, ngizicinge.


Bulalani amaxhegu, abasha, izincekukazi, nabantwana, nabesifazane, kepha ningasondeli kunoma yimuphi umuntu onophawu; futhi uqale endaweni yami engcwele. Base beqala ngamakhehla ayephambi kwendlu.


Uthi: ‘Zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova; Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba namagquma, imifula nezigodi; bheka, ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu, ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe.


Kungani usikhohlwa kuze kube phakade, usishiye isikhathi esingaka na?


Ngoba ngolaka lukaJehova kwenzeka eJerusalema nakwaJuda, waze wabaxosha ebusweni bakhe; uZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Futhi ngizomhambela kanye nenzalo yakhe kanye nezinceku zakhe ngenxa yobubi babo; ngiyakwehlisela phezu kwabo naphezu kwabakhileyo eJerusalema naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikushilo ngabo; kodwa kabalalelanga.


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikushilo ngabo, ngokuba ngikhulumile kubo, kepha bona akezwanga; ngababiza, kepha abaphendulanga.


Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.


Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani;


Mina, yebo, ngikhulumile; yebo, ngimbizile; Ngimlethile, futhi uyophumelela indlela yakhe.


Odelela izwi uyakubhujiswa; kepha owesaba umyalo uyakuvuzwa.


Ungangilahli ebusweni bakho; futhi ungawususi kimi umoya wakho ongcwele.


Bhekani manje ukuthi ngiyilokhu nokuthi akakho unkulunkulu ngaphandle kwami. Ngiyabulala, ngiphilise; ngiyalimaza, ngipholise, akakho ongophula esandleni sami.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa.


Futhi uKayini wasuka ebusweni bukaJehova futhi wahamba wayohlala ezweni laseNodi, ngasempumalanga kwase-Edene.


Ngalokho ngiyakwenza kule ndlu ebizwa ngegama lami, eniyethembayo, nakuyo indawo engayinika nina nawoyihlo, njengalokho ngenza eShilo.


Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Kodwa njengoba nithi: Isiprofetho sikaJehova; ngakho-ke, usho kanje uJehova; Ngokuba nisho leli zwi lokuthi: Isiprofetho sikaJehova, ngathumela kini ukuthi: Aniyikusho ukuthi: Umthwalo kaJehova;


INkosi yasisithi: Laye uJuda ngizamsusa ebusweni bami, njengalokhu ngasusa uIsrayeli, ngiwulahle umuzi weJerusalema engiwukhethileyo, lendlu engatsho ngayo ukuthi: Ibizo lami lizakuba lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite