Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho bhekani, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova, abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Ngalokho bheka, ngimelene nabaprofethi,” usho uJehova, “abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 “Ngakho-ke bheka, ngimelene nabaphrofethi, abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:30
14 Referans Kwoze  

Kodwa umprofethi ozidlayo ukuba akhulume izwi egameni lami engingamyalanga ukuba alikhulume, noma oyakukhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi naye uyakufa.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nikhulume okuyize, nabona amanga, ngalokho bhekani, nginakho ngani, isho iNkosi uJehova.


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nezicamelo zenu enizingela ngazo imiphefumulo ukuba ziyindiza, ngiyakubahlwitha ezingalweni zenu, ngikhulule imiphefumulo eniyizingelayo ukuba niyibulale. Ndiza.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ngizamisa ubuso bami bumelane labo; bayakuphuma emlilweni, omunye umlilo ubaqede; niyakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo.


Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.


“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kini,’ usho uJehova, ‘ukuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.’


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngibhekise ubuso bami kini ukuba ngenze okubi, ngichithe wonke uJuda.


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abakuzondayo bayakubusa phezu kwakho; niyobaleka uma kungekho onixoshayo.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume phakathi kwabantu bakubo; ngoba wanika uMologi enye inzalo yakhe ukuze angcolise indlu yami engcwele futhi angcolise ibizo lami elingcwele.


“Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?


Bhekani, ngimelene nabaprofethi, usho uJehova, abasebenzisa ulimi lwabo, bathi: ‘Uyakhuluma.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite