Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 23:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Mina angibathumanga abaprofethi, nokho bagijima; bengingakhulumile kubo, nokho baprofetha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Mina angibathumanga abaphrofethi, nokho bagijima; angikhulumanga kubo, kodwa baphrofetha.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 23:21
12 Referans Kwoze  

Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, futhi angibayalanga, angikhulumanga kubo; ezinhliziyweni zabo.


Ngokuba angibathumanga, usho uJehova, kepha baprofetha amanga egameni lami; ukuze nginixoshe, nibhubhe, nina nabaprofethi abaprofetha kini.


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


Bona-ke bethunywe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho ngomkhumbi baya eKhupro.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.


Thumela kubo bonke abathunjwa uthi: Utsho njalo uJehova ngoShemaya waseNehelami; Ngokuba uShemaya uprofethile kini, mina angimthumanga, wenza ukuba nikholwe ngamanga.


Ngokuba baprofetha amanga kini ngegama lami; angibathumanga, usho uJehova.


Umprofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya umprofethi: “Lalela, Hananiya! UJehova akakuthumanga; kodwa wena wenza laba bantu bathembele emangeni.


Ngase ngizwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyakuthuma bani, futhi ngubani oyakusiyela na?” Ngase ngithi: Nangu mina; ngithumele.


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!


Ngakho lingawalaleli amazwi abaprofethi abakhuluma kini besithi: Kaliyikukhonza inkosi yeBhabhiloni, ngoba baprofetha amanga kini.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite