Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha uma ningawezwa lawa mazwi, ngiyazifunga mina, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yihlane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kepha uma ningawalaleli lawa mazwi, ngizifunga Mina uqobo,” kusho uSimakade, “ukuthi le ndlu iyophenduka incithakalo.” ’ ”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:5
22 Referans Kwoze  

INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Ngokuba lapho uNkulunkulu ethembisa u-Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga;


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;


AmaKhaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, adiliza izingange zaseJerusalema.


Kepha uma nala, nihlubuka, niyakuqedwa ngenkemba, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;


Futhi obani afunga kubo ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, ngaphandle kwalabo abangakholwanga na?


Ngalokho iSiyoni liyakulinywa ngenxa yenu njengensimu, iJerusalema libe yizinqwaba, nentaba yendlu ibe njengeziqongo zehlathi.


Engafunga kubo entukuthelweni yami ukuthi abayikungena ekuphumuleni kwami.


Kuyakuthiwa: Ngokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho wabehlisela bonke lobu bubi phezu kwabo.


Kepha uma niphambuka, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engiyibeka phambi kwenu, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele;


Bhekani, indlu yenu isisala nani.


Uthi kubo: Usho kanje uJehova; Uma ningangilaleli ukuba nihambe emthethweni wami engiwubeka phambi kwenu,


Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.”


Le ndlu ephakemeyo iyakuba yisimangaliso kubo bonke abadlula kuyo; ukuze athi: “UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?


Ngiyishiyile indlu yami, ngilishiyile ifa lami; nganikela othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite