Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wena owakhileyo eLebanoni, owakha isidleke sakho emisedarini, yeka ukuthi uzakuba lesihawu lapho ubuhlungu bukwehlela, ubuhlungu bobelethayo!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:23
18 Referans Kwoze  

Sizwile umbiko ngakho: izandla zethu zibuthakathaka; sibanjwe usizi nobuhlungu njengobelethayo.


Ngokuba usho kanje uJehova endlini yenkosi yakwaJuda, uthi: “UyiGileyadi kimi nenhloko yeLebanoni; nokho impela ngiyakukwenza ugwadule nemizi engahlalwa muntu.


Wo kuye ofisela indlu yakhe inzuzo embi, ukuze abeke isidleke sakhe phezulu, akhululwe emandleni omubi!


Noma uziphakamisa njengokhozi, noma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.


Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


Abangibizanga ngenhliziyo, lapho bekhala emibhedeni yabo;


Ngizohamba ngibuyele endaweni yami baze basivume isiphambeko sabo futhi bafune ubuso bami; osizini lwabo bayongifuna kusenesikhathi.


Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.


Nina enakhileyo kwaMowabi, shiyani imizi, nihlale edwaleni, nibe njengejuba elakha isidleke salo emaceleni omlomo womgodi.


“Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?


Kwezwakala izwi ezindaweni eziphakemeyo, ukukhala nokunxusa kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba babephambukile indlela yabo, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.


Wawabheka amaKheni, wathatha isimo sakhe, wathi: “Iqina indawo yakho yokuhlala; wakha isidleke sakho edwaleni.”


Uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu, namaphiko amade, lugcwele izimpaphe, ezinemibala ehlukahlukene, lwafika eLebanoni, lwathatha igatsha eliphezulu lomsedari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite