Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 22:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owabusa esikhundleni sikayise uJosiya, owasuka kule ndawo, uthi: akasayikubuyela khona;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngokuba usho kanje uSimakade kuShalumi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, futhi owaphuma kule ndawo, uthi: “Akasayukubuyela lapha,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 22:11
10 Referans Kwoze  

Amadodana kaJosiya izibulo lalinguJohanani, eyesibili uJehoyakimi, eyesithathu uZedekiya, eyesine uShalumi.


UFaro Nego wabeka u-Eliyakimi, indodana kaJosiya, inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waliguqula igama lakhe laba nguJoyakimi, wamsusa uJowahasi; wafika eGibithe, wafela khona.


UHilikiya nababemisa inkosi baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikwati, indodana kaHazira, umlindi wezingubo; (manje wayehlala eJerusalema ekolishi;) bakhuluma kuye ngakho.


Kwasekusukuma abathile ezikhulwini zabantwana bakwaEfrayimi, u-Azariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJishikiya indodana kaShalumi, no-Amasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma impi;


UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya, waseLibina.


Izinceku zakhe zayithwala ngenqola ifile, zisuka eMegido, zayiyisa eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe. Abantu bezwe bathatha uJehowahazi, indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.


Izwi likaJehova elafika kuZefaniya, indodana kaKushi, indodana kaGedaliya, indodana ka-Amariya, indodana kaHezekiya, ezinsukwini zikaJosiya, indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.


Ezinsukwini zakhe uFaro Nego, inkosi yaseGibithe, wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe, inkosi uJosiya yakhuphuka ukulwa nayo; wambulala eMegido lapho embona.


Kodwa ezweni abafuna ukubuyela kulo, ngeke babuyele khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite