Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Esigqebheni sakho kwafunyanwa igazi lemiphefumulo yabampofu abangenacala;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 Emiphethweni yezingubo zakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, nanxa ungazange ubabhadame begqekeza. Phezu kwakho konke lokho,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:34
22 Referans Kwoze  

Ngaphezu kwalokho, uManase wachitha igazi eliningi elingenacala waze wagcwalisa iJerusalema kusukela komunye umkhawulo kuya komunye; ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.


Ngokuba bangishiyile, bayenza ibe ngowabo le ndawo, bashunqisa umusi kuyo kwabanye onkulunkulu ababengabazi, bona nawoyise, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala;


Wachitha nangegazi elingenacala, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala; uJehova angayithethelelanga.


Uma isela lifunyanwa lifohla, lishaywa, laze lafa, akukho gazi elichithwa phezu kwalo.


Ngokuba igazi lawo likuwo; wayibeka esiqongweni sedwala; akaliphonsanga phansi ukuze alisibekele ngothuli;


Ngokuba lapho niletha izipho zenu, lapho nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe zenu kuze kube namuhla; Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.


Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.


Bakha izindawo eziphakemeyo zaseThofeti elisesigodini sendodana kaHinomu ukuze bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo; engingabayalanga ngakho, nokungangenanga enhliziyweni yami.


Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini, bashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yobubi; incithakalo nokubhubhisa kusezindleleni zabo.


Nishisa nezithombe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, nibulala abantwana ezigodini phansi kwamawa amawa?


Ngokuba izandla zenu zingcoliswe yigazi neminwe yenu ngobubi; izindebe zenu zikhulume amanga, nolimi lwenu luvungazela okubi.


Kungani uzinqumela ekufuneni uthando? ngalokho wafundisa ababi izindlela zakho.


Uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, ningalandeli abanye onkulunkulu, kube kukubi;


Ukungcola kwakhe kusezigqokweni zakhe; akacabangi ngesiphetho sakhe sokugcina; ngakho lahamba ngokumangalisayo, lingelamduduzi. Jehova, bheka usizi lwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Bazulazula njengezimpumputhe ezitaladini, bazingcolisa ngegazi, ukuze abantu bangabe besathinta izingubo zabo.


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bakhe phakathi kwalo njengengonyama ebhongayo edwengula impango yayo; badla imiphefumulo; bathatha ingcebo nezinto eziyigugu; bamenza abafelokazi abaningi lapho.


Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo; uyakubuyisela izinkomo ezinhlanu ngenkomo, nezimvu ezine ngemvu.


Futhi amadoda alungile, ayobahlulela ngokwendlela yeziphingi nangokwendlela yabesifazane abachitha igazi; ngoba bayiziphingi, legazi lisesandleni sabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite