Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ixhama lakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Intombi ingakhohlwa yini yimvunulo yayo, nomakoti ixhama lakhe na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:32
24 Referans Kwoze  

Bakhohlwa uNkulunkulu, umsindisi wabo, owenza izinto ezinkulu eGibithe;


Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga.


Kwezwakala izwi ezindaweni eziphakemeyo, ukukhala nokunxusa kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba babephambukile indlela yabo, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.


Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.


Ngenxa yokuthi ukhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awuzange ucabange ngedwala lamandla akho, ngakho-ke kufanele utshale izitshalo ezinhle, uzibeke ezitshalweni ezingaziwayo.


Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi.


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashunqise umusi kwaba yize, babakhubekisa ezindleleni zabo zasendulo, ukuba bahambe ngezindlela ezingalahlwanga;


Laba bantu ababi abala ukulalela amazwi ami, abahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandele abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhulekele, bayakuba njengaleli bhande eliyize.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


Bamukela izipho kuwe ukuze bachithe igazi; uthathé inzalo nenzuzo, uzuza ngokuhaha komakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandleni zayo, amashekeli ayishumi egolide;


Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule, owanigqokisa okubomvu nezinye izibiliboco, owafaka imihlobiso yegolide engutsheni yenu.


Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.


Kwathi lapho ebona icici namasongo ezandleni zikadadewabo, wezwa amazwi kadadewabo uRebeka, ethi: “Yilokhu indoda ekhulume kimi; ukuthi wafika kumuntu; bheka, wayemi ngasemakameleni ngasemthonjeni.


Wesaba, noma wesaba bani, uze uqambe amanga, ungacabangi ngami, ungakubekeli enhliziyweni na? angizange ngithule kusukela kudala, wena awungesabi na?


Kungani uzinqumela ekufuneni uthando? ngalokho wafundisa ababi izindlela zakho.


Kodwa uJesuruni wakhuluphala wakhahlela; ukhuluphele, ukhuluphele, ukhuluphele; wayesemshiya uNkulunkulu owamenzayo, wadelela iDwala lensindiso yakhe.


Abantwana bakwa-Israyeli abamkhumbulanga uJehova uNkulunkulu wabo owabakhulula esandleni sezitha zabo zonke nxazonke.


abacabanga ukwenza abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisayo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngoBali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite