Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Isizwe sishintshile yini onkulunkulu baso, abangebona onkulunkulu na? kepha abantu bami banana udumo lwabo ngalokho okungasizi ngalutho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Isizwe sike senana ngawonkulunkulu abangesibo onkulunkulu na? Kepha abantu bami benanile udumo lwabo ngokungenakusiza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Isizwe sake sabalahla yini onkulunkulu baso, noma bengesibo onkulunkulu na? Kepha isizwe sami silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 2:11
23 Referans Kwoze  

Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo.


babaphonsa emlilweni onkulunkulu bawo, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babengumsebenzi wezandla zomuntu, ukhuni netshe; ngalokho babachitha.


Umuntu angazenzela onkulunkulu, bengesibo onkulunkulu na?


Baguqula inkazimulo yabo yaba njengenkabi edla utshani.


Ngokuba zonke izizwe ziyakuhamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.


Abapristi abashongo ukuthi: “Uphi uJehova na?” nabaphethe umthetho babengazi Mina;


Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.


Kepha wena Jehova uyisihlangu sami; inkazimulo yami nokuphakanyiswa kwekhanda lami.


Ubusisiwe wena Israyeli, onjengawe, bantu abahlengiwe nguJehova, isihlangu sosizo lwakho, oyinkemba yobukhosi bakho. Izitha zenu ziyakuba ngamanga kini; futhi kumelwe unyathele ezindaweni zazo eziphakeme.


Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;


Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo.


Wabiza umfana u-Ikabodi, wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nangenxa kayisezala nomyeni wakhe.”


Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nabeka abapristi benu njengomthetho wezizwe zakwamanye amazwe? ukuze kuthi loba ngubani oza ukumehlukanisela ngejongosi leduna lezinqama eziyisikhombisa, abe ngumphristi wabangesibo onkulunkulu.


Ngizokuthethelela kanjani kulokhu? abantwana bakho bangishiyile, bafunga abangesibo onkulunkulu;


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi nizwile okunje: intombi yakwa-Israyeli yenze into enengekayo kakhulu.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nandile ngaphezu kwezizwe ezinihaqileyo, anihambanga ngezimiso zami, anigcinanga izahlulelo zami, aniwenzanga njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo;


ukuze ngifake indlu ka-Israyeli enhliziyweni yayo, ngokuba bonke behlukanisiwe nami ngezithombe zabo.


Bamvusela umhawu ngonkulunkulu bezizweni, bamcunula ngezinengiso.


Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.


Ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti, unkulunkulu wamaSidoni, noKemoshi, unkulunkulu wamaMowabi, noMilkomu, unkulunkulu wabantwana bakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami amehlo, nokugcina izimiso zami nezahlulelo zami, njengoDavide uyise.


Kepha ingelosi kaJehova yathi ku-Eliya waseThishibi: “Suka ukhuphuke ukuhlangabezana nezithunywa zenkosi yaseSamariya, uthi kuzo: ‘Akungoba kungekho Nkulunkulu kwa-Israyeli yini ukuba nihambe niyobuza kuBali Zebule? unkulunkulu wase-Ekroni?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite