Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 19:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Hamba uthabathe imbiza yebumba kumbumbi, uthathe emalungeni abantu nakumalunga abapristi;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Usho kanje uSimakade, uthi: “Hamba uthenge uphiso lobumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abaphristi,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 19:1
20 Referans Kwoze  

Amadodana ayigugu aseSiyoni alingana negolide elihle, yeka ukuthi abhekwa njengezitsha zebumba, umsebenzi wezandla zombumbi!


Kumelwe ahlephule njengokuphuka kwento yombumbi iphihlizwa ibe yizicucu; akayikuhawukela, ukuze ekuqhumeni kwakhe kungafunyanwa sicucu sokukha umlilo eziko noma ukukha amanzi emthonjeni.


INkosi yasisithi kuMozisi: Ngibuthele amadoda angamatshumi ayisikhombisa kubadala bakoIsrayeli, owaziyo ukuthi bangabadala babantu lezinduna zabo; uwalethe etendeni lokuhlangana, ukuze ame khona nawe.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.


Yathuma u-Eliyakimi owayengamele indlu, noShebina, umbhali, namalunga abapristi, bembethe indwangu yamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;


Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase;


Bulalani amaxhegu, abasha, izincekukazi, nabantwana, nabesifazane, kepha ningasondeli kunoma yimuphi umuntu onophawu; futhi uqale endaweni yami engcwele. Base beqala ngamakhehla ayephambi kwendlu.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Thatha lezi zincwadi, incwadi yokuthenga, leyo enamathelisiwe, nale ncwadi evuliwe; wakufaka embizeni yebumba, ukuze ahlale izinsuku eziningi.


Kwase kusukuma abanye bamalunga ezwe bakhuluma kulo lonke ibandla labantu bathi:


Kwathi esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawuli, wazibopha izandla lenyawo, wathi: Utsho njalo uMoya oNgcwele, ngokunjalo abaJuda eJerusalema bazabopha indoda ephethe lelibhanti, njalo bazamnikela ejele izandla zabezizwe.


Nawe, ndodana yomuntu, zithathele ithayela, ulibeke phansi phambi kwakho, uphonse umuzi, iJerusalema, phezu kwalo.


Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithathele ibhande lelineni, ulibophe okhalweni lwakho, ungalifaki emanzini.


“Wena-ke, ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele impuco eyinsingo, uyidalule ekhanda lakho nasesilevini sakho; bese uzithathela isikali sokukala, uhlukanise izinwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite