Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 18:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi nizwile okunje: intombi yakwa-Israyeli yenze into enengekayo kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wezwa okunjengalokho na? Intombi yakwa-Israyeli yenzile into eyesabekayo kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi ngubani owake wazizwa lezi zinto ezinjena na? Intombi yakwa-Israyeli yenze into embi kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 18:13
14 Referans Kwoze  

Isimangaliso nesinengiso senziwe ezweni;


Ngabona into eyesabekayo endlini ka-Israyeli: kukhona ubufebe buka-Efrayimi, u-Israyeli ungcolile.


Ngabona futhi into embi kubaprofethi baseJerusalema: bayaphinga, bahamba ngamanga; baqinise izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi nabakhileyo kulo njengeGomora.


Ngubani oke wezwa into enje? Ubani owabona izinto ezinjalo? Ingabe ngolunye usuku umhlaba uyoveza? kumbe isizwe sizazalwa masinyane? ngoba lapho nje iSiyoni selizala, lizala abantwana balo.


Ngiyakubuye ngikwakhe, wakhiwe wena ntombi yakwa-Israyeli; uzophinde uhlotshiswe ngamatende akho futhi uphume ngengoma yenjabulo.


Ngakho wokhuluma leli zwi kubo; Amehlo ami mawageleze izinyembezi imini nobusuku, angayeki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, yephukile ngezinyembezi ezinkulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Kuyazwakala ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu;


UJehova uwanyathele phansi onke amaqhawe ami phakathi kwami; ungibizele umhlangano wokuchoboza izinsizwa zami; uJehova unyathele phansi intombi, indodakazi yakwaJuda, njengasesikhamweni sewayini.


Khona-ke u-Eliyakimi indodana kaHilikiya, owayephethe indlu, noShebina unobhala noJowaki indodana ka-Asafa, umbusi, beza kuHezekiya nezingubo eziklebhukile, bamtshela amazwi kaRabishake.


AmaFilisti esaba, ngokuba athi: “UNkulunkulu ungenile ekamu.” Futhi bathi: Maye kithi! ngoba into enjalo yayingekho ngaphambili.


Umuntu angalishiya yini iqhwa laseLebanoni elivela edwaleni lasendle? Amanzi abandayo agobhozayo aphuma kwenye indawo ayakushiywa na?


Zwanini lelilizwi engiliphakamisa phezu kwenu, isililo, lina ndlu kaIsrayeli.


Iwile intombi yakwa-Israyeli; ngeke lisavuka; washiywa ezweni lakubo; akakho ongamvusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite