Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kuyakungena emasangweni alo muzi amakhosi nezikhulu ezihlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide ezigibela izinqola namahhashi, zona nezikhulu zazo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema; futhi lomuzi uyohlala kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi, bona nezikhulu zabo, abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 kuyongena emasangweni alo muzi, amakhosi nezikhulu abahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, begibele ezinqoleni nasemahhashini, bona nezikhulu zabo, nabantu bonke bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, lo muzi uyakuba khona kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:25
21 Referans Kwoze  

Ngokuba uma nenza lokhu ngempela, kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, agibele izinqola namahhashi, yena nezinceku zakhe nabantu bakhe.


Ukwanda kokubusa nokuthula akuyikuphela, esihlalweni sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe, ukuze umiswe futhi uqiniswe ngokulunga nangobulungisa kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukwenza.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Khona-ke isivumelwano sami nenceku yami uDavide masiphulwe, angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi; kanye namaLevi, abapristi, izinceku zami.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “UDavide akayikuswela muntu wokuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu yakwa-Israyeli;


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyohlumisela uDavide iHlumela lokulunga; futhi uyokwenza ubulungisa nokulunga ezweni.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuma phambi kwakho kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi sizaqiniswa kuze kube nininini.


Usho kanje uJehova, uthi: “Loba ukuthi lo muntu akanamntwana, umuntu ongayikuphumelela emihleni yakhe;


Uzakuthi kibo: Itsho njalo i Nkosi: Khangela, ngizagcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kulelilizwe, amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavida, labapristi, labaprofethi, labo bonke abakhileyo eJerusalema.


UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;


Wathi: “Nansi indlela yenkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, iwamisele wona abe yizinqola zayo nangabamahhashi bayo; abanye bayakugijima phambi kwezinqola zakhe.


Kodwa akumelwe azandisele amahhashi futhi angavumeli abantu babuyele eGibhithe ukuze andise amahhashi;


Lolu suku luyakuba yisikhumbuzo kini; futhi kumelwe niligubhele uJehova ezizukulwaneni zenu; uyakuwugcina kuze kube phakade njengesimiso.


uthi: ‘Yizwa izwi likaJehova, nkosi yakwaJuda, ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, wena nezinceku zakho nabantu bakho abangena ngala masango.


Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nginihlalise kule ndawo.


Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite