Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 17:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngosuku lwesabatha ningaphumi mthwalo ezindlini zenu, ningasebenzi msebenzi, kepha ningcwelise usuku lwesabatha, njengalokho ngabayala oyihlo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, futhi ningenzi msebenzi, kodwa lungcweliseni usuku lwesabatha, njengalokhu ngabayala okhokho benu,

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 17:22
19 Referans Kwoze  

Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Uma ubuyisa unyawo lwakho esabathani, ukuze uthokoze ngosuku lwami olungcwele; ulibize isabatha ngokuthi injabulo, ingcwele kaJehova, idunyiswa; futhi umhloniphe ngokungenzi izindlela zakho futhi ungafuni okuthandwa nguwe futhi ungakhulumi amazwi akho.


Izinsuku eziyisithupha kumelwe wenze umsebenzi wakho, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe uphumule, ukuze inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, futhi indodana yesigqilakazi sakho nomfokazi baqabuleke.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi ngelecilongo;


Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.


Wasesithi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha.


Udelele izinto zami ezingcwele, wawona amasabatha ami.


Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, umbuthano ongcwele; ningenzi msebenzi ngalo; kuyisabatha leNkosi ezindlini zenu zonke.


Kumelwe yesabe, kube yilowo nalowo unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda ukuthi abanye banyathela izikhamo zewayini ngesabatha, baletha izithungu, balayishe izimbongolo; kanye newayini, namagilebhisi, namakhiwane, nayo yonke inhlobo yemithwalo abayiletha eJerusalema ngosuku lwesabatha; futhi ngafakaza ngokumelene nabo ngosuku abathengisa ngalo ukudla.


“ ‘Uma ningilalela nokungilalela,’ usho uJehova, “ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, kodwa ningcwelise usuku lwesabatha, ningenzi msebenzi ngalo;


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite