Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:17
25 Referans Kwoze  

Amehlo kaJehova asezindaweni zonke futhi abona ababi nabahle.


Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.


Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Kulokhu nenze ubuwula; ngalokho niyakuba nezimpi kusukela manje kuqhubeke.


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Maye kulabo abazama ukufihlela uJehova amacebo abo, lemisebenzi yabo isebumnyameni, bathi: Ngubani osibonayo? futhi ngubani esimaziyo?


Uyahamba endleleni yami nombhede wami, futhi uyazazi zonke izindlela zami.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo emakamelweni akhe ezithombe na? ngoba bathi: UJehova akasiboni; uJehova uwushiyile umhlaba.


Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke iziphambeko zami.


Mababe phambi kukaJehova njalo, ukuze asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


Ngoba ngubani odelele usuku lwezinto ezincane? ngokuba bayakujabula, babone intambo yomthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele nalezi eziyisikhombisa; bangamehlo kaJehova agijima emhlabeni wonke.


Lapho ngona, uyangibheka, awuyikungikhulula ebubini bami.


Kayiboni yini izindlela zami, abale zonke izinyathelo zami?


Wenza izinhliziyo zabo zilingane; uyayibona yonke imisebenzi yabo.


Ngokuba ngiyazazi izenzo zabo nemicabango yabo; kuyofika lapho ngiyobutha zonke izizwe nezilimi; futhi bazakuza babone inkazimulo yami.


Le ndlu ebizwa ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bheka, nami ngikubonile,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite