Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 16:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalokho ngiyakunilahla kuleli zwe, nginiyise ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku; lapho engingayikukwenzela khona umusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 16:13
21 Referans Kwoze  

UJehova uyakukuyisa wena nenkosi yakho oyakuyibeka phezu kwakho esizweni obungasazi wena nawoyihlo; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


Futhi ngiyokudabula kanye nezitha zakho ngiye ezweni ongalazi, ngoba umlilo ovuthayo ngentukuthelo yami oyovutha phezu kwakho.


Nani-ke niyakuyeka efeni lenu engininike lona; futhi ngiyokwenza ukhonze izitha zakho ezweni ongalazi; ngokuba niphembe umlilo entukuthelweni yami ovutha kuze kube phakade.


Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.


Lo muntu uKoniya uyisithombe esidelelekile esiphukileyo na? Uyisitsha esingathokozisiyo na? Bakhishelwani, yena nenzalo yakhe, baphonswe ezweni abangalazi na?


Futhi ngiyobenza ukuba basuswe emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngenxa yalokho akwenza eJerusalema.


O themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka, kungani uyakuba njengomfokazi ezweni nanjengomhambi ophambukela ukulala ubusuku bonke na?


Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.


Uma nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wethu wenzelani kithi zonke lezi zinto na? uyakuthi kubo: Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu bezizweni ezweni lakini, niyakukhonza abezizwe ezweni elingelona elenu.


Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.


UJehova wabasiphula ezweni labo ngokuthukuthela nangokufutheka nangokufutheka okukhulu wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


Futhi ngiyokuxosha wena nonyoko owakuzalayo niyise kwelinye izwe lapho ningazalelwanga khona; futhi lapho uyofela khona.


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Ngalokho uJuda wasuswa ezweni lakubo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakuxosha abakhileyo ezweni ngalesi sikhathi, ngibacindezele ukuba bakuthole kunjalo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ningangeni endlini yokulila, ningayi ukuyobakhalela, ningabakhalele; ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu, usho uJehova, umusa nesihe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite