Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine, usho uJehova: inkemba yokubulala, nezinja ukuba ziklebhule, nezinyoni zezulu nezilo zomhlaba ukuba zidle, zichithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:3
21 Referans Kwoze  

Inyama yakho efileyo iyakuba ngukudla kwazo zonke izinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba, kungabikho muntu ozokuklebhula.


Ngiyakuthuma izilo zasendle phakathi kwenu, eziyakuniphuca abantwana benu, zichithe izinkomo zenu, zinenze nibe bambalwa; izindlela zenu ziyakuba yihlane.


Lami ngizakwenza lokhu kini; Ngiyakubeka phezu kwenu ukwesaba, nobuhlungu, nobuhlungu obuvuthayo, okuyakudla amehlo, kubangele usizi lwenhliziyo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani uma ngithumela phezu kweJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nokuduma, nesifo, ukuqothula kulo abantu nezilwane na?


Ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba eyakuphindisela ukulwa kwesivumelwano sami; lapho senibuthene emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu; uyakunikelwa esandleni sesitha.


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.


Ayakushiyelwa ndawonye abe izinyoni zezintaba nezilwane zomhlaba, izinyoni ziyakuba phezu kwawo ehlobo, nezilwane zonke zomhlaba zingene ebusika phezu kwawo.


Ukuze unyawo lwakho lucwiliswe egazini lezitha zakho lolimi lwezinja zakho kulo.


Ifa lami kimi linjengenyoni enamabala, izinyoni ziphezu kwalo nxazonke; wozani niqoqe zonke izilwane zasendle, nize zidle.


Futhi abantu abaprofetha ngabo bayolahlwa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; futhi abayikubangcwaba, bona, omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngoba ngizathululela ububi babo phezu kwabo.


Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.


Waziphendulela izindlela zami, wangidwengula; Wangenza ihlane.


Yisho kanje kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuphila kwami, labo abasezincithakalweni bayakuwa ngenkemba, nosendle ngiyakumnika izilo ukuba adliwe, abasezinqabeni nasemigedeni bayakudabula isifo.


Njengokungathi umuntu ubalekela ingonyama, ahlangane nebhere; noma engena endlini, wancika isandla sakhe odongeni, walunywa yinyoka.


Bayakushiswa yindlala, baqedwe ukushisa okushisayo nencithakalo ebabayo; ngiyakubathumelela amazinyo ezilwane, kanye nesihlungu sezinyoka zothuli.


Uma bezila ukudla, angiyikuzwa ukukhala kwabo; futhi uma beletha umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, angiyikujabulisa kubo; kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite