Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kungani ubuhlungu bami buhlala njalo, nenxeba lami lingelapheki, lenqaba ukuphulukiswa, na? uzakuba njengomqambimanga ngokupheleleyo nanjengamanzi axakileyo kimi?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:18
15 Referans Kwoze  

Ukhalelani ngosizi lwakho? usizi lwakho alunakwelashwa ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile, ngenzile lezizinto kini.


Kufanele ngiqambe amanga ngiphikisa ilungelo lami na? isilonda sami asinakuphulukiswa, singenasiphambeko.


Ngokuba isilonda salo asinakuphulukiswa; ngoba lafika kuJuda; wafika esangweni labantu bami eJerusalema.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Inxeba lakho alinakuphulukiswa, nesilonda sakho sibuhlungu.


Jehova, ungikhohlisile, ngavuma ukudukiswa; Unamandla kunami, unqobile; Ngihlekisa nsuku zonke, wonke umuntu uyangihlekisa.


Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!


Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini; bafika emigodini, abafumananga manzi; babuya nezimbiza zabo zingenalutho; baba namahloni, bajabha, bamboza amakhanda abo.


Umphefumulo wami udabukile kakhulu, kepha wena Jehova koze kube nini na?


Ngalokho uyakunika iMoresheti-Gati izipho; izindlu zika-Ashibi ziyakuba ngamanga emakhosini akwa-Israyeli.


Njengalokhu amanzi olwandle edlula, nozamcolo eshabalala, abune;


Ngaphumelani esizalweni ukuze ngibone umshikashika nosizi, ukuba izinsuku zami ziphele ngamahloni na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite