Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 15:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 15:16
13 Referans Kwoze  

Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


Kuyathandeka kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo; futhi imnandi kunezinyosi namakhekheba.


Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.


MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke.


Umthetho womlomo wakho muhle kimi kunezinkulungwane zegolide nesiliva.


Kungani ungaba njengomuntu omangele, njengeqhawe elingakwazi ukusindisa? kepha wena Jehova uphakathi kwethu, negama lakho libizwé phezu kwethu; ungasishiyi.


Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.


Nina enithiwa yindlu kaJakobe, uMoya kaJehova uyanyakaziswa na? ingabe lokhu akwenzayo? Amazwi ami awabenzi yini okuhle kohamba ngobuqotho na?


Bonke abantu bahamba ukuze badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babewaqonda amazwi ababeshunyayelwa kuwo.


Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite