Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Siyabuvuma, Jehova, ububi bethu nobubi bawobaba, ngokuba sonile kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:20
21 Referans Kwoze  

Silala phansi sinamahloni, ihlazo lethu lisibekele; ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.


Ngasivuma isono sami kuwe, kangibufihlanga ububi bami. Ngathi: Ngifuna ukuzivuma iziphambeko zami kuJehova; futhi wathethelela ububi besono sami. Sela.


Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.


Ubabheka abantu, kuthi uma ethi: Ngonile, ngaphendukezela okulungile, kepha akungisizanga;


Abantwana bakwa-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, basukuma, bavuma izono zabo nobubi bawoyise.


Inhliziyo kaDavida yasimtshaya ngemva kokubala abantu. UDavide wayesethi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; ngoba ngenze izinto ezinengi zobuthutha.


UDavida wasesithi kuNathani: Ngonile eNkosini. UNathani wayesethi kuDavide: “UJehova usesusile isono sakho; aniyikufa.


Sihlalelani? buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sithule khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usithulisile, wasinika inyongo ukuba sinathe, ngokuba sonile kuJehova.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Bheka, Jehova! ngokuba ngisosizini; amathumbu ami awaphumuli; inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami; ngoba ngahlubuka kakhulu; ngaphandle uphanga inkemba, ekhaya kunjengokufa.


Seqekile, sahlubuka; Awukaxoleli.


Okhokho bethu bonile futhi abasekho; sathwala ububi babo.


Kwathi seziqedile ukudla utshani belizwe, ngathi: Nkosi Jehova, ngithethelele; uJakobe uzakuma ngobani? ngoba mncane.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla futhi wazenzela igama njenganamuhla; sonile, senzile okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite