Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 14:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngakho wokhuluma leli zwi kubo; Amehlo ami mawageleze izinyembezi imini nobusuku, angayeki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, yephukile ngezinyembezi ezinkulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 “Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 14:17
20 Referans Kwoze  

Ngokuba ngidabukile ngokuhlushwa kwendodakazi yabantu bami; Ngimnyama; ukumangala kungibambe.


Kufanele ngithatheni ukuze ngifakaze kini? Ngingafanisa nani ndodakazi yaseJerusalema na? ngiyakubonani kuwe, ukuze ngikududuze, ndodakazi yaseSiyoni na? ngoba ukufohla kwakho kukhulu njengolwandle; ngubani ongakuphilisa?


Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.


O, ikhanda lami ngabe amanzi, namehlo ami abe ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhale imini nobusuku ngenxa yababuleweyo bendodakazi yabantu bakithi!


Ngalokho nami ngiyakunenza nigule ngokunishaya, nginivunulise ngenxa yezono zenu.


Izinhliziyo zabo zakhala eNkosini, wena ludonga lwendodakazi yaseSiyoni, izinyembezi mazigeleze imini nobusuku njengomfula; ungayeki inhlamvu yeso lakho.


Maye kimi ngenxa yobuhlungu bami! isilonda sami sibuhlungu, kepha ngathi: Impela buhlungu, ngimelwe ukubuthwala.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Susa kimi ukushaywa kwakho; ngiyaqedwa ngokushaya kwesandla sakho.


Iwile intombi yakwa-Israyeli; ngeke lisavuka; washiywa ezweni lakubo; akakho ongamvusa.


Kugeleza imifula yamanzi emehlweni ami, ngokuba abawugcini umthetho wakho.


Uma ngifuna ukuziduduza ngosizi, inhliziyo yami iyadangala phakathi kwami.


Yileli izwi uJehova alikhuluma ngaye; Intombi emsulwa, indodakazi yaseSiyoni, iyakudelela, yakuhleka; indodakazi yaseJerusalema yanikina ikhanda phezu kwakho.


Mabasheshe basikhalele, ukuze amehlo ethu ehle izinyembezi, nezinkophe zethu zigeleze amanzi.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi nizwile okunje: intombi yakwa-Israyeli yenze into enengekayo kakhulu.


Amehlo ami ayaphela izinyembezi, izibilini zami ziyathuthumela, isibindi sami silahlwe emhlabeni ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami; ngokuba abantwana nabancane bayaquleka emigwaqweni yomuzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite