Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 13:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngakho ngiyobahlakaza njengamabibi adlula umoya ogwadule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 “Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 13:24
19 Referans Kwoze  

Ababi abanjalo, kodwa banjengamakhoba apheshulwa ngumoya.


Ngiyonihlakazela phakathi kwezizwe ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lenu libe yihlane nemizi yenu ibe yincithakalo.


Ngakho bayakuba njengefu lokusa, nanjengamazolo asekuseni adlula, namakhoba apheshulwa esibuyeni, nanjengomusi ophuma kushimula.


Ingxenye yesithathu yenu iyakufa ngesifo, futhi iyakuqedwa yindlala phakathi kwenu; ingxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho; ingxenye yesithathu ngiyoyihlakazela emimoyeni yonke futhi ngihoshe inkemba ngemva kwayo.


Kumelwe uyishise ngomlilo ingxenye yesithathu phakathi komuzi, lapho izinsuku zokuvinjezelwa seziphelile; uthathe ingxenye yesithathu, uyishaye ngommese, nengxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni.


Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


lungakafiki umyalo, usuku lungakadluli njengamakhoba, lungakafiki phezu kwenu ulaka lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.


Nentando yakhe yonke bayokuwa ezweni, futhi abaseleyo bayohlakazwa kuyo yonke imimoya; niyakwazi ukuthi mina Jehova ngikukhulumile.


Kepha ngiyakushiya insali, ukuze nibe nabaphunyuka enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazwa emazweni.


Uzawaphephetha, umoya uwasuse, lesiphepho sizawahlakaza; futhi ngokuqinisekile uyojabula ngoJehova, uzidumise ngoNgcwele ka-Israyeli.


Izizwe ziyobhonga njengokuhlokoma kwamanzi amaningi, kodwa uNkulunkulu uyozisola, futhi ziyobalekela kude futhi zixoshwe njengamakhoba ezintabeni phambi komoya nanjengokuhenguza phambi kwesiphepho.


Ngathi: Ngiyakubahlakazela emagumbini, ngiqede ukukhunjulwa kwabo phakathi kwabantu.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwabantu bonke, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu enaningabazi wena nawoyihlo, imithi namatshe.


UJehova uyakunihlakaza phakathi kwezizwe, nisale niyingcosana phakathi kwezizwe uJehova eyakuniholela kuzo.


Ngiyakubahlakazela ezizweni bona noyise ababengazazi; ngiyakuthuma inkemba emva kwawo, ngize ngiwaqede.


Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.


UJehova uwanyathele phansi onke amaqhawe ami phakathi kwami; ungibizele umhlangano wokuchoboza izinsizwa zami; uJehova unyathele phansi intombi, indodakazi yakwaJuda, njengasesikhamweni sewayini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite