Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 13:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 13:23
13 Referans Kwoze  

Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.


Futhi bayakukhohlisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, bangakhulumi iqiniso;


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Ngibashaye ngeze abantwana benu; abatholanga ukusolwa; inkemba yenu idlile abaprofethi benu njengengonyama ephangayo.


Usalokhu ushaywa ngani? niyakudlubulunda ngokwandayo; lonke ikhanda liyagula, nenhliziyo yonke ibuthakathaka.


Ngisho noma uhlahlela isiwula odakeni phakathi kukakolweni ngokuhlatshwa, ubuwula baso abuyikusuka kuso.


Ngokuba abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana ababuthakathaka, futhi abanakuqonda; bahlakaniphile ekwenzeni okubi, kepha ukwenza okuhle abakwazi.


Kwathi lapho kubikwa kuSawule, wathuma ezinye izithunywa, nazo zaprofetha ngokunjalo. USawule waphinda wathuma izithunywa ngokwesithathu, nazo zaprofetha.


Kodwa kabalalelanga, kodwa benza njengakuqala.


Okuyisigwegwe ngeke kuqondiswe, futhi okushodayo akunakubalwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite