Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 11:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokuba ngabasola nokusola oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngivuka ekuseni ngibasola, ngathi: ‘Lalelani izwi lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngokuba okhokho benu ngabayala nokubayala ngosuku engabakhuphula ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla, ngabayala ngathi: “Lalelani izwi lami.”

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 11:7
29 Referans Kwoze  

UJehova, uNkulunkulu wawoyise, wathuma kubo ngezithunywa zakhe, wathuma ngesikhathi; ngokuba wayehawukele abantu bakhe nendawo yakhe yokuhlala;


Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;


Manje lalela izwi labo; kodwa phikisane labo futhi ubatshele ilungelo lenkosi ezakubabusa.


Wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine zonke izimiso zakhe, angiyikubeka nasinye salezi zifo. Engakwehlisela phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova ophilisayo.


Abanjalo siyabayala, sibayala ngeNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba basebenze ngokuthula, badle okwabo isinkwa.


Futhi ngithumile kini zonke izinceku zami, abaprofethi, abavuka ekuseni kakhulu, babathume, bathi: Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nilungise izenzo zenu, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba ningakwenzi. Khonzani, nihlale ezweni engalinika nina nawoyihlo, kepha anibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


UJehova wathuma kini zonke izinceku zakhe, abaprofethi, evuka ekuseni, ebathuma; kodwa anilalelanga, nezindlebe zenu azithambeki ukuzwa.


Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


Manje, ngenxa yokuba nenzile yonke le misebenzi, uJehova uyakhuluma, futhi ngakhuluma kini, ngavuka ekuseni ngakhuluma, kodwa anilalelanga; ngalibiza, kodwa aniphendulanga;


Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.


Konke engikuyala ngakho, nikwenze ngokucophelela;


Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho; futhi ukuze izinsuku zakho zande.


O, uma kwakukhona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine yonke imiyalo yami kuze kube phakade, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade!


Ngakho-ke gcina, ukwenze; ngokuba kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu phambi kwamehlo ezizwe eziyakuzwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabahlakaniphileyo.


Kusukela ngomnyaka weshumi nantathu kaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, kuze kube namuhla, okungumnyaka wamashumi amabili nantathu, izwi likaJehova lafika kimi, ngakhuluma kini, ngivuka ekuseni, ngalikhuluma; kodwa kalilalelanga.


Kungenjengesivumelwano engasenza laboyise mhla ngibabamba ngesandla ngibakhupha elizweni leGibhithe; ukuthi basephulile isivumelwano sami, nakuba ngangingumuntu kubo,” usho uJehova.


Agcwaliseka amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi, awayala ngawo amadodana akhe ukuba angaphuzi iwayini; ngoba kuze kube lamuhla kabaphuzi lutho, kodwa balalela umlayo kayise. Kodwa aningilalelanga Mina.


Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova.


Kepha uJehova wafakaza ngo-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nangabo bonke ababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami ngokomthetho wonke engawuyala oyihlo, engawuyalayo. Ethunyelwe kini ngezinceku zami abaprofethi.


Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.


Ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa liyakukhulula, kube yilowo nalowo umfowabo, umHeberu owathengiswa kuwe; uma ekusebenzele iminyaka eyisithupha, uyakumkhulula kuwe;


Zwanini izwi likaJehova nina bantwana bakwa-Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, ngokuba akukho qiniso, akukho umusa, akukho kwazi uNkulunkulu ezweni.


Yizwani lokhu, nina bapristi! lalelani nina ndlu ka-Israyeli! lalelani nina ndlu yenkosi! ngoba ukwahlulela kuyeza phezu kwenu, ngoba benilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite