Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 11:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa nhlobo ngesikhathi sokucindezeleka kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakuhamba, bakhale konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayukubasindisa nakancu, lapho behlelwa yinhlekelele.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 11:12
10 Referans Kwoze  

Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!


Futhi uyothi: Baphi onkulunkulu babo, idwala labo ababethembele kulo na?


Buthanani nize; sondelani kanyekanye nina enibalekele ezizweni!


Ngesikhathi sokucindezeleka kwakhe wabuye waphambuka kuJehova; yiyo leyo nkosi u-Ahazi.


Hambani nibize onkulunkulu enibakhethile; akusindise ngesikhathi sokuhlupheka kwakho.


Ababedla amanoni emihlatshelo yabo, bephuza iwayini leminikelo yabo yokuphuzwa na? mawasukume akusize abe isivikelo sakho.


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Bayamthwala emahlombe abo, bamthwale, bambeke endaweni yakhe, ame; kayikusuka endaweni yakhe; yebo, kukhona oyombiza, kodwa akakwazi ukuphendula noma ukophula osizini lwakhe.


Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashunqise umusi kwaba yize, babakhubekisa ezindleleni zabo zasendulo, ukuba bahambe ngezindlela ezingalahlwanga;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite