Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe? ngoba ingeyakho, ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe lemibuso yabo yonke kakho onjengawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:7
28 Referans Kwoze  

Ngubani ongayikukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? ngokuba wena wedwa ungcwele, ngokuba zonke izizwe ziyakuza, zikhuleke phambi kwakho; ngoba izahlulelo zakho zibonakalisiwe.


Ngoba umbuso ungokaJehova, futhi yena ungumbusi phakathi kwezizwe.


Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Ngoba ngubani ezulwini ongalinganiswa loJehova? Ngubani phakathi kwamadodana anamandla ongalinganiswa noJehova na?


Kepha ngiyakunibonisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abe namandla okuphonsa esihogweni; yebo, ngithi kini: Mesabeni yena.


Izizwe eziningi ziyakuhlangana noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu kimi; ngiyakuhlala phakathi kwenu, nazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile kini.


Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, asole abantu abaningi, bakhanda izinkemba zabo zibe ngocelemba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.


Zonke izizwe ozenzileyo zizakuza zikhuleke phambi kwakho, Nkosi; njalo ngizakhazimulisa ibizo lakho.


Wena, yebo, uyesatshwa, futhi ubani oyoma phambi kwakho lapho uqala ukuthukuthela na?


Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.


Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.


Wathi: “Kusasa.” Wathi: “Kuhamba njengokusho kwakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengoJehova uNkulunkulu wethu.”


Ngokuba ngalesi sikhathi ngiyakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho; ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.


Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.


Inkosi yasisithi kwabahlakaniphileyo ababezazi izikhathi, ngoba sasinjalo isimo senkosi kubo bonke ababewazi umthetho lokulunga:


UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi, wathi: “Imfihlakalo inkosi eyibuzayo, nabahlakaniphileyo, nabathakathi, nabathakathi, nabahlola imihlola, abanakwazise inkosi;


Kodwa kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlo futhi uyazisa inkosi uNebhukhadinezari okuzakwenzeka ekupheleni kwezinsuku. Leli yiphupho lakho nobuso bekhanda lakho embhedeni wakho;


Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa.


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Kepha niyakumesaba uJehova uNkulunkulu wenu; uyakukusindisa esandleni sezitha zakho zonke.


Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; futhi uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu.


Uyakwehlisela izizwe phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu.


Phakathi konkulunkulu akakho onjengawe, Nkosi; futhi ayikho imisebenzi efana nemisebenzi yakho.


INkosi yethu inkulu futhi inamandla amakhulu, ukuqonda kwayo akupheli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite