Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:16
28 Referans Kwoze  

Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.


Wena uhawukela izinkulungwane, uphindisele ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo: oMkhulu, uNkulunkulu onamandla, uJehova Sebawoti, igama lakhe,


Usho kanje uJehova, onika ilanga libe ngukukhanya emini, nezimiso zenyanga nezezinkanyezi zibe njengokukhanya ebusuku, odabula ulwandle ukuze kuhlokome amaza alo; NguJehova Sebawoti igama lakhe;


Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe.


CHETH. Wena uyisabelo sami, Jehova, ngishilo ukuthi ngiyakugcina amazwi akho.


Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo.


UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye.


Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe no-Israyeli ukuba abe yifa lakhe.


UMsindisi wabo unamandla; nguJehova Sebawoti igama lakhe; Uyolivikela ngokugcwele icala labo lomthetho, anike izwe ukuphumula futhi aphazamise abakhileyo eBhabhele.


Mina ngakha ukukhanya, ngidala ubumnyama; Ngenza ukuthula, ngidala ububi; Mina Jehova ngenza zonke lezi zinto.


Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owahlukanisa ulwandle, amaza alo ahlokoma; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Ngabathukuthelela abantu bami, ngalingcolisa ifa lami, ngabanikela esandleni sakho; endala wabeka ijoka lakho elinzima kakhulu.


UMhlengi wethu, igama lakhe nguJehova Sebawoti, oNgcwele ka-Israyeli.


UJehova uzenzele konke, ngisho nomubi uzenzele usuku olubi.


Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.


Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla.


Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;


Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.


UJehova uyodla ifa lesabelo sikaJuda ezweni elingcwele futhi aphinde akhethe iJerusalema.


Wathi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, Nkosi, iNkosi yami mayingene phakathi kwethu; ngoba bangabantu abanenkani; usithethelele ububi bethu nezono zethu, usithathe njengefa lakho.


Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.


INkosi yamabandla izababusisa ngokuthi: Babusisiwe abantu bami iGibhithe, lomsebenzi wezandla zami iAsiriya, lelifa lami uIsrayeli.


Kuphila kwami, isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti: Impela njengeThabori phakathi kwezintaba nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyofika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite