Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJeremiya 10:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJeremiya 10:13
23 Referans Kwoze  

Wenza inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenzela imvula imibani; ukhipha umoya engcebeni yakhe.


Ungenile yini engcebeni yeqhwa? noma usubonile ingcebo yesichotho,


UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle.


Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


Zinezindlebe, kepha azizwa; nomoya awukho emlonyeni wawo.


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


Wayesethi u-Eliya ku-Ahabi: “Vuka, udle, uphuze; ngoba kunomsindo wemvula enkulu.


UMose wayeselula intonga yakhe ezulwini, uJehova wathumela ukuduma nesichotho, nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wanisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.


Celani imvula kuJehova ngesikhathi semvula yokucina; kanjalo uJehova uyakwenza amafu akhazimulayo, abanike izihlambi zemvula kubo bonke utshani basendle.


Kanye nazo zonke izimila zasendle zingakabikho emhlabeni, nezitshalo zonke zasendle zingakahlumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu akazange anise imvula emhlabeni, futhi kwakungekho muntu wokulima umhlabathi hhayi.


Unisela izintaba emakamelweni akhe; umhlaba uyasutha ngesithelo semisebenzi yakho.


Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona amanzi amaningi esibhakabhakeni; wakhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba;


Ngokuba bhekani, odala izintaba nodala umoya, atshele umuntu ukuthi iyini imicabango yakhe, owenza mnyama ukusa, ongena ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, nguJehova uNkulunkulu Sebawoti igama lakhe.


Futhi abasho enhliziyweni yabo ukuthi: “Masesabe uJehova uNkulunkulu wethu onisa imvula, eyokuqala neyokugcina ngesikhathi sayo; Usigcinela amasonto amisiwe okuvuna.


Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.


Ngizakwenza njalo kulendawo, kutsho uJehova, lakwabakhileyo kuyo, ngenze lomuzi ube njengeThofeti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite