Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi besawabulala, mina ngisalile, ngawa ngobuso bami, ngakhala, ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Uyakuchitha yonke insali yakwa-Israyeli ngokuthulula ulaka lwakho phezu kweJerusalema na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kwathi esababulala, sekusele mina nje kuphela, ngakhothama ngathi mbo ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Ingabe uzoyibhubhisa yonke insali yakwa-Israyeli lapho uthulula intukuthelo yakho phezu kweJerusalema na?”

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 9:8
16 Referans Kwoze  

Lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngawa ngobuso bami, ngamemeza ngezwi elikhulu, ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! uyakuqeda insali yakwa-Israyeli na?


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, umphefumulo wami awungcoliswanga, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angizange ngikudle okufayo nokudwenguliwe; futhi kakuzange kungene nyama enengekayo emlonyeni wami.


UDavide waphakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi phakathi komhlaba nezulu inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga akwa-Israyeli, abembethe izingubo zokulila, bawa ngobuso.


UJoshuwa waklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli, bathela uthuli emakhanda abo.


Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso.


OMose no-Aroni bawa ngobuso babo phambi kwenhlangano yonke yenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli.


Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! bheka, abaprofethi bathi kubo: Aniyikubona inkemba, futhi aniyikuba nendlala; kodwa ngiyakuninika ukuthula okuqinisekileyo kule ndawo.


Ngase ngithi: “O, Nkosi Jehova! isibili ubakhohlisile kakhulu lababantu kanye leJerusalema ngokuthi: Lizakuba lokuthula; kuyilapho inkemba ifinyelela emphefumulweni.


Futhi ngasukuma ngokumelene nomhlatshelo wakusihlwa ekucindezelekeni kwami; ngasengiklebhula ingubo yami nejazi lami, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


Ngawa phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yazo zonke izono zenu enone ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.


Lapho uMose ekuzwa lokho, wawa ngobuso bakhe.


U-Abrahama wasondela, wathi: “Niyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?”


Manje ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwakho masinyane, intukuthelo yami iphumele phezu kwakho; ngiyakukwahlulela njengezindlela zakho, ngibuyisele kuwe zonke izinengiso zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite