Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 8:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo emakamelweni akhe ezithombe na? ngoba bathi: UJehova akasiboni; uJehova uwushiyile umhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 8:12
21 Referans Kwoze  

Maye kulabo abazama ukufihlela uJehova amacebo abo, lemisebenzi yabo isebumnyameni, bathi: Ngubani osibonayo? futhi ngubani esimaziyo?


Wayesethi kimi: “Ububi bendlu ka-Israyeli noJuda bukhulu kakhulu, izwe ligcwele igazi nomuzi ugcwele inkohliso; ngoba bathi: INkosi iwushiyile umhlaba, futhi iNkosi akaboni.


Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Phenduka, njalo uzabona izinto ezesabekayo ezinkulu kulalezi.


Ngoba izinto ezenziwa yibo ekusithekeni kulihlazo lokukhuluma.


Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.


Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, kwafika amadoda amalunga akwa-Israyeli ukuzobuza uJehova, ahlala phambi kwami.


Kwasekufika kimi abanye bamalunga akwaIsrayeli, bahlala phambi kwami.


Wayesethi kimi: “Uyakubona lokhu, ndodana yomuntu na? Kuyinto elula yini kuyo indlu yakwaJuda ukuthi yenze izinengiso ezenzayo lapha na? ngokuba bagcwalisa izwe ngobudlova, babuyela ukungiklolodela; bheka, babeka ihlumela emakhaleni abo.


Kwakumi phambi kwazo amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga endlu yakwa-Israyeli, noJahesaniya indodana kaShafani emi phakathi kwawo, kwaba yilowo nalowo ephethe umcengezi wakhe wempepho esandleni sakhe; kwenyuka ifu elinzima lempepho.


Bathi: “UNkulunkulu ukwazi kanjani lokhu na?” Kukhona ukwazi koPhezukonke na?


Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bakhohlakele, benze izinto ezinyantisayo, akekho owenza okuhle.


Ngokuba wethemba ububi bakho; wathi: Akekho oNgibonayo. Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukombile; wathi enhliziyweni yakho: Nginguye, akakho omunye ngaphandle kwami.


Wasesithi kimi: Phenduka futhi, njalo uzabona izinengiso ezinkulu abazenzayo.


“Ngaleso sikhathi ngiyakuphenya iJerusalema ngamakhandlela, ngihambele abantu abahlezi emibhedeni yabo, abathi enhliziyweni yabo: ‘UJehova akenzi okuhle nokubi.


Uqalekisiwe umuntu owenza noma yisiphi isithombe esibaziweyo noma esibunjiweyo, into enengekayo kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asibeke endaweni ecashile. Futhi bonke abantu kumelwe baphendule bathi: Amen!


Abantwana bakwa-Israyeli benza ngasese okubi phambi kukaJehova uNkulunkulu wabo, bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke, kusukela embhoshongweni wabalindi kuze kube emzini onogange.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite