Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 8:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngolwesihlanu lwenyanga, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela phezu kwami khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngonyaka wesithupha, ngenyanga yesithupha, ngosuku lwesihlanu lwayo, ngihlezi endlini yami, namalunga akwaJuda ehlezi phambi kwami, isandla seNkosi uSimakade sehlela phezu kwami ngilapho.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 8:1
24 Referans Kwoze  

Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, kwafika amadoda amalunga akwa-Israyeli ukuzobuza uJehova, ahlala phambi kwami.


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Kwasekufika kimi abanye bamalunga akwaIsrayeli, bahlala phambi kwami.


Ngakho khuluma kubo uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ophakamisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sobubi bakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi; Mina Jehova ngiyakumphendula ozayo njengobuningi bezithombe zakhe;


Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu;


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu wokuthunjwa kwethu, ekuqaleni konyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku isandla sikaJehova saba phezu kwami, wangiyisa khona.


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka esigodini esigcwele amathambo;


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yesithathu, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa, ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi nambili lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami lapho; yasisithi kimi: Sukuma, uye ethafeni, ngizakhuluma lawe khona.


UMoya wangiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ekushiseni komoya wami; kepha isandla sikaJehova sasinamandla phezu kwami.


UMoya wangiphakamisa, ngezwa emva kwami izwi lokubhonga okukhulu, lithi: “Mayibusiswe inkazimulo kaJehova endaweni yayo.”


Kepha u-Elisha wayehlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; Inkosi yasithuma indoda phambi kwayo, kodwa ingakafiki kuye isithunywa, yathi kubadala: Liyabona yini ukuthi lendodana yombulali ithume ukususa ikhanda lami? Bhekani, lapho isithunywa sifika, nivale umnyango, nisigcine emnyango. Ingabe umsindo wezinyawo zenkosi yakhe awukho ngemva kwakhe?


Inkosi iyolila, nesikhulu siyokwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyokwesaba; bazakwazi ukuthi nginguJehova.


Ngase ngibona, ngabona okufana nomlilo; kusukela okhalweni lwakhe kuya phezulu, njengokukhazimula, njengokukhazimulayo, njengokukhazimula kwegolide;


Isandla sikaJehova sasiphezu kwami kusihlwa, bengakafiki abakhululwayo; wavula umlomo wami, waze weza kimi ekuseni; umlomo wami wavuleka, angibange ngisaba yisimungulu.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite