Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UHezekeli 7:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Isikhathi sesifikile, usuku luyasondela; umthengi makangathokozi, nomthengisi angalili, ngokuba ulaka luphezu kwesixuku sakhe sonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Isikhathi sesifikile, usuku selufikile; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ulaka luphezu kwaso sonke isixuku sabo.

Gade chapit la Kopi




UHezekeli 7:12
17 Referans Kwoze  

Bheka, usuku, bheka, luyeza; kwasa kwadlula; yopha induku, kwaqhuma ukuziqhenya.


Akulutho, akulutho, kusho umthengi; kepha nxa esehambile, uyazigabisa.


Usuku olukhulu lukaJehova luseduze, luseduze futhi lushesha kakhulu, izwi losuku lukaJehova; iqhawe liyokhala ngokumunyu lapho.


Uthi umlindi: Kuyeza ukusa, nobusuku futhi; uma ufuna ukubuza, uyabuza; buya, woza.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululelwa kule ndawo, phezu kwabantu, naphezu kwezilwane, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba; futhi uyovutha futhi ungacimi.


Uzakuthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ngiyakwenza ukuba lesi saga siphele, bangabe besakhuluma ngaso kwa-Israyeli; kodwa uthi kubo: Izinsuku sezisondele, nomsebenzi wakho konke okubonwayo.


Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze, usuku lwamafu; kuzakuba yisikhathi sabezizwe.


Maye ngalolo suku! ngoba usuku lukaJehova luseduze, luzafika njengokuchitha okuvela kuSomandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite